Ukushayela

Unhliziyombili: IHilux yokuqala yohlobo lweHybrid ithelekile eMzansi

Esikhathini  esisichithe neToyota Hilux Hybrid 48V okuwuhlobo lweHilux olungunhliziyombili njengoba ludonsa ngodizili luphinde lusebenzise ibattery sizithole singaphansi kwesimo esingajwayelekile uma uhamba ngemoto entsha. Uhlobo lwemibuzo ebiqhamuka kubantu ikakhulukazi abazifelayo ngeHilux nalaba abahamba ngayo, kimina ikhombise ngokusobala ukuthi leli veni liseyintandokazi eNingizimu Afrika futhi kusazothatha isikhathi ukuthi kube khona elisondela kulo. IVW ingaba nayo i-Amarok neFord ingazishaya isifuba ngeRanger, kodwa iHilux iyohlala njalo ilinyusa igiya.

Lena iHilux yokuqala emhlabeni  ukusebenzisa uphethroli nebattery ngesikhathi esifanayo. Okuhle ngale Hybrid (MHEV)  ukuthi akudingeki ukuthi uyixhume kugesi ukuthi uyishaja, kodwa iphuma nebattery yelithium eyisisindo esingu 7,6kg eyakhelwe ngaphansi esihlalweni sangemuva. Le battery yiyo ephinde inike amandla athe xaxa ngo 12V kulawo ajwayelekile ngokusebenzisa iconverter.

Indlela esebenza ngayo ibattery ngokulekelelana nemoto ukuze ihlale igcwele, ukuthi lapho umshayeli enciphisa ijubane ibattery iyashaja, kanjalo nalapho ecindezela amabhuleki. Ngaphansi kwesimo esijwayelekile lapho wehlisa ijubane imoto iphelelwa amandla kodwa kubuchwepheshe baleHybrid ibattery yilapho ithola khona amandla ku48V ukuze ihlale igcwele. Indlela okushajeka ngayo ibattery kwenzeka ngokuthi  imotor generator ilekelelwa injini lapho imoto iduma. Engikuqaphelile nge48V ukuthi iwubuchwepheshe besimanje obukwaziyo ukonga kuphethroli iphinde ibe namandla athe thuthu. 

Amandla nejubane akudingeki ukuthi uze ucindezele kakhulu ukuze uwezwe kodwa uma ike yangena emgwaqeni ovulekile iyazwakala ikhahlela. Ikhiqiza amandla afinyelela ku-150kW netorque engu 500Nm. Injini engu 2.8 litre GD-6 engumshini ozishintshayo i-automatic. Empeleni lena  kuseyiyo injini endala abadlisa ngayo  kule Hilux umehluko ukuthi sekune battery eyenza ikwazi ukudonsa ngayo ibuye ishintshele kuphethroli. Indlela ibattery eshaja ngayo nokusebenza kwayo kuyafaba nakwiCorolla Cross. Lapho ibattery isigcwele iyawengeza amandla angu 65Nm no12kW ngaphezulu. Kungokokuqala ukuthi iHilux yalolu hlobo iphume neMulti-Terrsain Select enikeza amandla athe xaxa ilekelele nasekulawuleni imoto. Yiyo ekwazi nokunika umshayeli izindlela ezihlukene zokuyishayela kuye ngokuthi uhamba endaweni enjani. Ngikuqaphelile ukuthi ukuduma kwenjini sekwehlele ku600rpm.

Ngaphandle nangaphakathi bayishintshile

KwaToyota abagcinanga nje ngokuqinisa enjinini namandla, kodwa umehluko uyabonakala ngaphambili kugrille egqize ngombala omnyama oyenza igoloze. Izibuko ezigqize ngombala omnyama. Isikhenke ngaphakathi basixine ngombala omnyama ukuyivikela ekukwebhekeni uma ulayishe impahla. Ngemuva obhampa nesivalo sesikhenke sigqize ngomabala omnyama nophawu lweRaider. Uhlobo lweRaider ludunyiswa ngokucindezela ibhathini kodwa kudingeka ukuthi ukhiye ube seduzane, amawindi asebenza ngogesi nezihlalo zesikhumba.

Intengo R876 600