
Imfihlo yeChangan CS75 Pro ingaphakathi
KULO hlaba zihlangene wezimoto eziqhamuka eChina ezithe chithi saka eNingizimu Afrika, iChangan CS75 Pro indlela ebukeka ngayo angeke ngayibeka ezingeni lalezo othi uma ungena ngayo emcimbini uMphathi Wohlelo athi ukudideka kancane ukuthi yisiphi isikhululmi esilandelayo okumele asibize. Futhi angeke kube yile moto othi uma ufika ngayo ekhaya emuva kwesikhathi eside bengakuboni abashana nabazukulu baphume bendiza bezoshutha eduze kwayo. Sengikushilo konke lokho ake ngikutshele imfihlo yokuthi imfihlo yeChangan CS75 Pro ingaphakathi nasenjinini.
BAYIBEKE EZINGENI NGAPHAKATHI
Abazange bacucuze ukuthi ngenye yezinto abazodayisa ngayo ingaphathi leChangan. Kusuka ngaphakathi ohlangothini lomshayeli ukhangwa iscreen esingu 10 inch sedigital interment cluster. Eceleni kancane esandleni sokunxel;e kunescreen esingu 10.25 inch infotainment. Angikusho ukuthi uma wazi izimoto eziphuma eChina ulindele ugabagaba lwescreen oluxhopha ngisho umshayeli, kepha kwiChangan esakhona sikahle sincanyana futhi kulula nokubona konke kuso. Ngithole ukusebenzisa I-infotainment kulula akukho lapho ngizithole ngijulula ngivula iwindi ngihlulwa ubuchwepheshe besimanje. Ngokwami, futhi ngiyakugcizelela lokhu ngokwami angiyibopni inkinga ngokuthi ingabi nayo i-Android Auto ne-Apple CarPlay ngoba uyakwazi ukuxhuma iphone yakho usebenzisa i-app njengoba kwenziwa nakwezinye izimoto ezingenakho lokhu. Izihlalo eziwumbala osawolintshi eziyisikhumba esiphelele (uma ikona into enjalo) ziyabengeza ubuhle ngenxa yobuntofontofo. Ngaphambili kudashboard nasezinhlangothini ishaya ngestch esithule esigqize ngombala omhlophe bese kuba ichrome enqamula phakathi kwaso. Ukusebenzisa i-airconditioner ukuyivula nokuyivala kulula ngoba amabhathini asobala nomfana wami oyibhobhodleyana ugcine esezidalela. Izihlalo zangaphambili ziyakwazi ukufudunyezwa ngokucindezela ibhathini eliseceleni kwegiya. Izinto ephuma nazo ngaphandle kokukhokha imali ethe thuthu njengokuvuleka kokhakhayi isunroof, ivoice control, ikhamera engu 360 degree ezungeze imoto yonke ngezinye zezinto eziyenza yehluke. Uyashayisa nje ngoba ingozi iyenzeka, iphuma nefoward collision warning ekuqaphelisa uma uzoshayisa okuthile, adaptive cruise control ne emergency braking.

U7 SEATER WANGEMPELA
Iphuma nenjini engu 1.5 litre turbo esebenzisa uphethroli. Le njini ikhiqiza amandla afinyelela ku 138kW no 300Nm idonsa ngamasondo angaphambili ngo gearbox ongu 7 speed dual clutch automatic transmission , umshini ozishintshayo. Esikhathini samanje uma usemakethe yokuthenga imoto angu 7 seater kumele ubhekisise ngoba baningi asebegcina icala ngezihlalo ezimbili zangemuva okuyenza ibe ngu 7 seater. Angikusho ukuthi balenzile iqiniso kwiChangan CS 75 Pro izihlalo zangemuva zikahle, nami ngiyindoda ethi ayigcwale ngike ngahlala kuzo ngakhululeka kunomunye uzakhethu eceleni ngaphandle kwezinkinga. Phakathi kwezihlalo abayincishanga isikhala. Yize kuthi akube umqansa ukufinyelela ezihlalweni zangemuva ngenxa yokuthi izihlalo ezimaphajkathi nendawo kumele zishendele ukuze ufinyelele ngemuva. Ngiyacabanga ukuthi ngokuzayo kuyomele bayibheke ngeso elibanzi lendaba ngoba kwabanye o7 seater izihlalo zamaphakathi ziyagoqeka kuvuleke isikhala umuntu adlule kalula.
INJANI EMGWAQENI
Emuva kwezinsuku eying 7 ngisuke ngihamba ngemoto engiyivivinyayo akujwayelekile ukuthi kufike osukwini lwesine kusantanta iselesele ikakhulukazi uma ubheka ukuthi sisuke siphuma nakwimpelasonto. IChanga, CS 75 Pro yonga ngendlela eyisimanga. Ithangi lakhona elingu 55 littres belicaphuna u8 litres ngo100km esikhathini nginayo. Akukho lapho ngithathe khona uhambo olude kodwa bengilindele ukuthi idle kakhulu kulezindlela zokuphuma ungena eThekwini. Ungakwazi ukuyioshayela ngezindlela ezahluikene okuwucustom,comfort , sport no-eco mode ebengiwusebenzisa isikhathi esiningi. USport kukhona lapho ngiwutshontshe khona ngawubopna umehluko wokudla kuphethroli ngoba igabavule yaya engalle kuka 10 litres ngo 100km.
INTENGO
Uma ngitshela abantu ukuthi konke lokhu ukuthola ngo R449 900 abanye banwaya amakhanda kodwa ke kunjalo bafowethu akukho okunye

UKUSONGA NGECS75 PRO
Kuzwakala kuyinto engathi shu kodwa mina angiyizwanga kahle indaba yokuthi ngaphambili njengomshayeli ngizithole ngintanta ngibheka ukuthi izinto zami eziyizidingo ezimqoka uma ngisemgwaqeni ngizozibekaphi ngoba ayiyiningi kakhulu indawo yokubeka izinto ikakhulukazi uma uhamba nabantu. Kube kaningi lapho ngizithole ngiphuthaza iselula yami phansi isiwile ngoba sengiyincikisile ngenxa yokushoda kwesikhala.
