
Ivunywa makhona wonke iJaecoo J7
Akubuzwa ukuthi ukutheleka kwezimoto zaseChina eNingizimu Afrika kufike kwaqeda ubuthongo izinkampani ezindala esezizakhele igama embonini yezimoto njengamaJalimane amaMelikana ngisho namaJapan imbala. Akuzona izinkampani zezimoto ezindala ezizithola ziqwashile ubusuku bonke, ngisho nabathengi uqobo abawuvali umlomo ngesivuthevuthe amaChina angene ngaso. Kuqale kwanemvunge ngokufika kwe-Omoda okuthe kusabatshazwa lokho kwatheleka iJaecoo J7 okuyizimoto ezikhiqizwa inkampani enkulukazi iChery yaseChina. Angikusho zisuka nje ukuthi ukufika kweJaecoo kuziphazamisile izinhlelo zezinkampani ezinkulu nezaziwayo ezikhiqiza izimoto ngoba amaChina aqhamuke nesitayelka esisha. Angeke walenza iphutha lokungagqanyelwa yiyo phakathi kwezinye ngoba iyawadonsa amehlo. Kuzona zonke izindawo edlule kuzo, kuba nokukhuluma sakuyincoma, babodwa abayifanisa nohlobo oluthile oselukhona emakethe, kanti abanye basaxakwa nayigama layo.


Hlobo luni lwemoto iJaecoo J7
Ngamafuphi ingena ngaphansi kohlobo lwezimoto zomndeni ezingama-SUV, ubude bayo bungu 4 500mm, kuthi ukululeka kube ngu-1 865mm, ukuya phezulu kube ngu 1 680mm. Ihlukene ngezinhlobo ezintathu okukhona iVortex, iGlacier bese kuvala ubhememe i-Inferno (lena esithole ithuba lokuyivivinya). Okumqoka ukuthi zonke izinhlobo zeJaecoo J7 zidonsa ngenjini engu 1.6 litre 4 cylinder turbocharged esebenzisa uphethroli. Yiyo kanye lenjini etholakaa kwiChery Tiggo 7 neTiggo 8. Ikhiqiza amandla angu-145Kw, 290Nm bese idonsa ngogearbox ongu 7 speed dual clutch automatic transmission. Ngiyavumelana nabathi kukhona ukufana lapha nalaphaya nezimoto ezinkulu zakwaRange Rover ikakhulukazi ukuma kwekhala ngaphambili, kuya ezinhlangothini nangendlela izibambo zezicabha ezivuleka ngayo.
Le moto yethulwe okokuqala emakethe eNingizimu Afrika ngo-Ephreli kodwa isiqalile ukubhincisela nxanye izinkampani ezinkulu. Ubhampa wakhona owugabagaba wase uvuleka ngaphambili uxoxa indaba. Uma uzoyithi nhla ungacishe uyifanise nezimoto ezinkulu zakwa Rolls-Royce. Ilishiyishiye futhi igabade ngoba ingu 200mm ukuphakama. Ngemuva itailgate uyakwazi ukuyivula ngokucindezela ukhiye okuyinto eyejwayelekile ezimotweni zamanje, kodwa okuhlukile kwiJ7 ukuthi uyakwazi futhi nokuyivala ngawo ukhiye ngaphandle kokuthi uze uthinte isivalo uqobo. Ungacishe udideke ngokuthi ayinalo iwiper ewindini langemuva ngoba aliveli obala njengasezimotweni eziningi kodwa lakhelwe phezulu.
I-Inferno inkunzimalanga yeJ7


Akukho okukhalisayo ngesikhala sayo ngaphakathi ngoba kukhona lapho ngike ngagqisha khona abantu abane ngemuva bakwazi ukuhlala ngokukhululeka. Isikhala sebhuthi ngemuva siyakhalisa nokho ngoba singu 412 litres, okusho ukuthi ayiningi impahla esikwazi ukuyimumatha. Isikhala siyanda uma ulalisa izihlalo zangemuva sibengu 1.335 litres. Idonsa ngawowonke amasondo, bese inyathela ngo 19 inch okwenza ibambelele nasemgwaqeni. Uma uzoyincenga kahle emgwaqeni ayiyimbi kakhulu kuphethroli ngoba ngiyibone icaphuna amalitha angu 9.4/100km emgwaqeni ovulekile kodwa uma uzoyifaka kwi-Eco Mode uyakwazi ukonga ngendlela eyisimanga kuze kufinyelele ku6,7 litres/100km. Phela iJaecoo inezindlela ezihlukene zokuyishayela okukhona iNormal Mode engiyibone ikahle uma uzochusha esiminyaminyeni sasedolobheni. Kukhona neSport Mode lapho ithola khona amandla athe thuthu kodwa nakuphethroli iyacaphuna ngoba ifinyelela kumalitha angu-9. IJ7 ungakwazi ukuyishayela ngezindlela ezingu 7 kuye ngokuthi uhamba endaweni enjani. Ugabagaba lwesun roof olukwazi ukuvuleka izikhawu lwengeza ubuhle nesitayela
Ngaphakathi bayixine ngabobonke ubuchwepheshe besimanje ongabucabanga kuze kuyofika kwi-ARDIS system, isiteringi ongakwazi ukusifudumez, kodwa okufike kuvale umgidi inguzunga yescreen esingu 14.8 inch phakathi nendawo. IScreen siqukethe lonke ulwazi ngemotookwakho nje ukucindezela ibhathini kusuka kuclimate control, ukulawula iradio, ukuxhuma iselula ukusebenza kwamawindi nokunye okuningi. Yize ngisincoma iScreen sayo ngaphambili kodwa kukhona lapho siba khona inkinga ikakhulukazi uma ushayela ebusuku ngoba sihlala njalo sigqamile okwenza uphazamiseke emgwaqeni, kuze kusize ukuthi imoto uyicishe uphinde uyidumise kabusha kuyima sidima ukwazi ukugxilisa amehlo emgwaqeni.
Ukuphepha kwayo kuhlolwe ngaphansi kweChines NCAP yachonywa ngezinkanyezi ezinhlanu. Intengo ihambisana neWarranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika-150 000km, kanye neservice plan yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika- 70 000km.
Intengo
Jaecoo J7 Inferno AWD: R679 900
Jaecoo J7 Vortex: R549 900
Jaecoo J7 Glacier: R599 900
