
I-7 Seater yangempela iDestinator SUV
Akuyona inkampani evame ukukhipha njalo imoto entsha kepha uma sekwenzikile bakhipha abalenzi iphutha kwaMitsubishi Motors. Sekuyisikhathi eside kucwebe iziziba ngemoto entsha. Ubani ongakhohlwa iMitsubishi ngezimoto zayo ezazakhela ugazi njengePajero, Lancer neveni iTriton. Nginomlando ngalezi zimoto ngoba emndenini ibe khona iPajero okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwalandela iTriton esekhona emagcekeni sikhuluma nje. Kule gemu bangene embangweni onzima wama-7 seater ngokwethula iDestinator esesigabeni sama SUV. Akubuzwa ukuthi imoto yomndeni kusuka ekuvulekeni ngaphakathi, ukululeka, ukuphakama yase iyalishiya igabade ngo 214mm ground clearance.Kulandela ukwethulwa kwayo kuleli ezinyangeni ezinhlanu ezedlule, sibe nenhlanhla yokuthola ithuba lokuvivinya iDestinator 1.5T Excess. Njengoba umbango ushisa phansi ezimotrweni ezingama 7 seater into yokuqala engiyaye ngiyibheke uma ngithola ithuba lokuvivinya le moto isikhala sangemuva nezihlalo ezimbili ekugcineni. Kulezinsuku baningi o 7 seater emgwaqeni kodwa iqiniso ukuthi kukhona obonayo nje ukuthi bese kugcinwa icala ngoba izihlalo zangemuva ziyakhalisa. Ngibethulela isigqoko kwaMitsubishi ngokwenza isiqiniseko sokuthi bangayincishi isikhala ngephakathi iDestinator.
IYANAMATHELA EMGWAQENI
Injini engu 1.5 litre turbocharged edonsa ngophethroli inamandla. Yize kuyingangamela yemoto kepha le njini iyithwala ngendlela ngoba noma ulayishe abantu abayisikhombisa ngithole ingazweli kakhulu. Bengibheke ukuthi icaphune kuphethroli njengemoto enkulu kodwa ke emgwaqeni ovulekile ithatha amalitha angu 7.5 kayaku 7.9 ngo100km. Idonsa ngamasondo angaphambili, kenti nasemgwaqeni ewubhuqu yaseNtinyane eMbumbulu akukho lapho ike yazabalaza khona. Angikugcizelele ukuthi akuyona nangengozi i 4×4 lena, yize kunjalo ikona imimango engike ngayiqwala ngawezwa amandla ayo. Lapho bese ilekelelwa kakhulukazi ngamasondo angu 18 inch.

Njengoba umbango ushisa phansi ezimotrweni ezingama 7 seater into yokuqala engiyaye ngiyibheke uma ngithola ithuba lokuvivinya le moto isikhala sangemuva nezihlalo ezimbili ekugcineni. Kulezinsuku baningi o 7 seater emgwaqeni kodwa iqiniso ukuthi kukhona obonayo nje ukuthi bese kugcinwa icala ngoba izihlalo zangemuva ziyakhalisa. Ngibethulela isigqoko kwaMitsubishi ngokwenza isiqiniseko sokuthi bangayincishi isikhala ngephakathi iDestinator.
BAYIXINE NGOBUCHWEPHESHE
Ungena nje ngaphakathi uyawuzwa umuzwa wemfudumalo. Ukhangwa iscreen esingu 12.3 inch infotainment esingudedangendlale kudashboard esihambisana ne wireless CarPlay ne-Android Auto. Izihlalo ezithi ezizishaya sasikhumba eziyindwangu ethambile zikubamba zikugomothele. Ukhakhayi lushaya ngesunroof evuleka ugabagaba kuze kuyofika ezihlalweni zangemuva. Ukufinyelela ezihlani zangemuva kulula ngokudonsa nje kancane ihandle bese siyaphakama ngaphandle kokusebenzisa amandla. Izihlalo ezimaphakathi yizo engizwe sengathi zicinenengoba uma senihleli nibathathu akukho ukukhululeka. Kulena ebengihamba ngayo i-Exceed izihlalo zangemuva zakhelwe izindawo ezivulekayo zokubeka iziphuzo wena owabona izihlalo zebhanoyi. Lena ngenye yezinto eyenza ihluke nkwezinye ezisembangweni nayo. Enye yezimbangi zayo ezinkulu iHyundasi Alcazar nayo engu 7 seater.

NGAKWEZOKUPHEPHA ISEZINGENI
Njengoba kuyimoto yomndeni uzolindela ukuthi izinga lokuphepha libe sesigabeni esiphezulu. Bheka nje ngoba ama-airbag angu 6 asezinhlangothini ngaphambili. Okunye ephuma nakho ikhamera ekwazi ukuthatha zonke izinhlangothi , kuphinde kube kona iBlind Spot Warning, iLane Departure Warning.
AKUSOKA LINGENASICI
Uma ngikhulumisa okomuntu efa yinhle iqedile kusuka phansi kuya phezulu kodwa ithangi elincane likaphethroli liyakhalisa. Ithangi elingu 45 litres kudingeka ude uligcwalisa uma uzothatha Huambo olude, kanti emotweni enkulu njengayo akuwona umdlalo ukungena egaraji. IMitsubishi Destinator 1.5T Exceed ibesiyivivinya ibiza R569 990, kodwa ikon engaphancsi okuyiDestinator GLS equal ku R489 990. Intengo yayo ihambisana newarranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika 75 000km.
