
Isizelwe kabusha iC3 Citroen Aircross
Sekungumlando ukuthi kwaStellantis bazibuyisile izinduku ngokukhiqiza iCitroen C3 Aircross esizelwe kabusha. Lena imoto esineminyaka emakethe kodwa kulokhu bashintshe ukwenza ngoba bayixine ngobuchwepheshe besimanje, baqinisa ukuphepha base bevala ngesitayela. Ungakangeni nje ngaphakathi kuyo ubuhle kusuka phansi kuya phezulu ikakhulukazi ingemuva bubuzwa kuyo. Ukhakhayi oludle ngama roof rail acwebezelayo, izibuko ezigqize ngombala omesha umzimba ezihahambisana nama indicators, kuze kuyoshaya kumalambu angemuva ayisitayela ngezinye zezinto ezenza uyibuke ungaqedi.


Amasondo angu 17 inch ahambisana nerimu elicwebezelayo. Amalambu awuhlobo lweLED daytime running. Kulokhu iC3 Aircross bathe ukuyikhulisa mbijana. Kungokokuqala ukuthi kulolu hlobo kube khona nekwazi ukulayisha abantu abayisikhombisa okusho ukuthi bayengeze ezinye izihlalo ezimbili ngemuva yaba i 7 seater. Ingu 4,323mm , ubude ingu 181mm. Iphuma namasondo angu 17 inch ahambisana nerimu lakhona kanjalo nesipele sesondo esilingana nawowonke. Ilishiyile igabade ngoba ukuphakama kwayo kungu 200mm, okusho ukuthi bayikhuphule ngo 22mm ngaphezulu uma kuqhathaniswa neyilamayo. Yize ibe khona imvunge ngentengo yayo engu R344, 900 uma kuqhathaniswa nezimbangi kodwa amaphaphu athe ukwehla uma sekuvela ukuthi lena engu 5+2 ibiza R354, 900. Ezinye zezimbangi zayo ezaziwayo iChery Tiggo 4 Pro, Suzuki Grand Vitara, Toyota Urban Cruiser, Kia Sonet, Renault Kiger, Nissan Magnite, kuze kuyoshaya kwiSuzuki Fronx.
Injini namandla
Kuzwakala kuyinjini encane engu 1.2 litre turbo kodwa akumandla kuyafiwa. Le njini ikhiqiza amandla angu 81kW , 205Nm engu 3 cylinder. Yize kwaCitroen bezishaya isifuba ngokuthi ngebanga lika-100km icaphuna amalitha angu 6,3 litres kaphethroli kodwa ekuyivivinyeni kwami kube khona iziwome lapho lesi sikalo sehle kakhulu siphinde sibuye ngeshodi sigabavule siyosho phezulu. Empeleni namanje ngisadidekile ngokuthi igeji kaphethroli yale moto isebenza kanjani. Kukhona lapho engize ngafikelwa umqondo wokuthi kungenzeka ukuthi kukhona lapho kwaphambana khona izinkomishi ngesikhathi yakhiwa e-India. Uma uzoyibuka ngokuyintshontsha ungacishe uthi iwuhlobo oludonsa ngawowonke amasondo kanti phinde.
Izihlalo ziyakhalisa


Ngaphakathi iphelele ngoba iphuma nescreen esingu 10 inch esisebenza ngokuthi usicindezele kancane, bese kuba khona nekhamera yangemuva. Isiteringi sigqize ngesikhumba siyi multi-function okusho ukuthi okuningi kulawulwa kuso njengeradio. Engikuthandile kuyo yize ngizozwakala njengenhlobo endala ukuthi i-airconditioner isalawulwa ngesandla, akukho lapho uyithola khona isisho phezulu ungazi ukuthi icindzeleke kuphi. Ngeshwa ezihlalweni zangemuva awabonwa ama air vents. Benze isiqiniseko ukuthi kwezokuphepha bayibeka ezingeni eliyifanele ngoba iphuma nama airbags angaphambili kumshayeli nephasenja, ABS brakes ESP stability control. Izihlalo zayo azizange zinginike ukuthula kusuka ohlangothini lomshayeli kuya kwiphasenja. Zidle ngokuba isigqiki futhi ziyindwangu ekhanyayo esheshayo ukubamba ukungcola. Uma ungumuntu onezingane angeke ungalenzi iphutha lokuthi uzimboze ukuzivikela ekungcoleni.
Intengo yayo ihambisana neservice plan yeminyaka emine okanye ibanga lika 80 000km nebhamama lewarranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika 100 000km.
| Intengo | R344 900 |
| Injini | 1.2-litre, three-cylinder turbo petrol, 6 speed automatic |
| Amandla | 81 kW, 205Nm, idonsa ngamasondo angaphambili |
| Ukudla kuphethroli | 6.3 L/100 km |
