Izimoto

Yenze kakhulu iFord ngeRanger Wildtrak X

IFord iphinde yawushubisa umncintiswano emkhakheni wamaveni bethula ubhememe lenqonqodwane iRanger Wildtrak X. 

Ithathiselwe kweyakwabo iWildtrak kodwa yona idle kakhulu ngesakhiwo esiyibeka esigabeni sokunqamula izintaba nemimango, okuyinto eyenza ihluke ezimbangini zayo.

Empeleni uma ungumuntu ozimisele ngokuqwala izintaba (off-road) ngaphandle kwezinkinga, lena yiyona moto ekulungele. 

Kukhona konke kumele ulindele ukuthi uzohlukana nesigidi ukuze uyithole isegaraji lakwakho ngoba i-Wildtrak X ibiza R1,013,000. 

Eqinisweni angeke wayikhalela lemali uma ubheka ezinye zezinto ephuma nazo futhi ezingumgomo. 

Okunye kwakho iSteel bash plate, uhlobo lwamalambu i-matrix LED headlight, folding roof rails, sliding roof rack kuze kuyoshaya ku-cargo management system.

Ikakhulukazi ngoba yimoto engagcini nje ngokunqamula izintaba, kodwa iphine ikwazi ukulayisha. 

Iphuma nenjini engu 2.0 litre BiTurbo edonsa ngodizili, ekhiqiza amandla afinyelela kuma-154kW neTorque engama-500 Nm. Lokho nje kukodwa kuxoxa indaba ngamandla ale nqokonqoko. 

Ubude bayo ingu-30 mm, ukuphakama kungu-24 mm yase iyalishiya igabade (ground clearance) ngo-261 mm. 

Ezinye izinto eziyikhipha phambili ezimbangini zayo ukuba neTrail Turn Assist (lobu buchwepheshe busiza lapho ithatha amajika asondelene ezintabeni). 

Ngaphandle kokuthi lobu buchwepheshe buhambisana nokuphepha komshayeli nabagibeli, buphinde buvikele nemoto engozini. 

Ngibakhipha phambili kwaFord ngokuyigaxelisa nge “4A’ mode ehambisana nokudonsa ngamasondo onke okuyi four wheel drive ongakwazi ukuyisebenzisa emgwaqeni ovulekile noma ugudla ngayo izintaba. 

Okunye abakwenzile kwaFord ukuthi bangagcini nje ngokukhuluma nokuqhakambisa ubuchwepheshe obuhambisana neWildtrak kodwa baphinde babukhombise. 

Bheka nje ngoba iFlexible Rack System bakwazile ukukhombisa ukusebenza kwayo ngokuthi bakhweze phezulu izikebhe ezihlala thaqa ngaphandle kwezinkinga kungazwakali nokuthi ukhona umthwalo. 

IWildtrak X icishe ifane neRaptor

Yize kungephikwe futhi ukuthi ithathelwe kweyakwabo iRaptor, kodwa ngesikhathi beyethula kwaFord kwelikhipha umkhov’etsheni e-Upington bakucacisa ukuthi iRaptor izimele nakuba kukhona ukusondelana okuthile uma kuziwa ezintweni lezi zimoto ezikwazi ukuzenza ikakhulukazi ngamandla.

Ngivumelana ngokugcwele nabakwaFord uma bethi njengoba begubha ikhulunyaka (100 years) lesi isikhathi esisho lukhulu kubo. 

Yingakho nezinga belinyusile kuWildtrak X. Indlela ehlanganiswe ngayo kuyasho ukuthi abagcinanga nje icala ngeWildtrak X. 

Kodwa bayishintshile kusuka phansi kuya phezulu. Bheka nje ngoba negrille okuyingaphambili lakhona lixoxa indaba,  akubuzwa ukuthi lakhelwe ukuhamba ezintabeni. 

Uma uzoyithi nhla uzoqaphela ukuthi ihlukile kunezilamayo. Ezinhlangothini inophawu luka-X kuze kuyoshaya nasezihlalweni. Bayitonile ngaphakathi baqinisa nakwezokuphepha.

*Udaba luthwathwe kwi-www.bayedenews.com