Ukushayela

Isazoba yintandokazi nakulokhu iVW iGolf 8

Akusekho ukubuyela emuva kwendlu ubhememe iVW Golf isifike kwazwakala emuva kokukhonjiswa kwayo okokuqala ngoFebhuwari nonyaka. Okuzothokozisa kakhulu abazifelayo ngalesi silwane ukuthi kwaVW baphinde babuyisa injini endala yohlobo lwe 1.4 TSI edume ngokonga kuphethroli. Le Golf eyethulwe emasontweni edlule sekungeyesizukulwane sesi-8 kanti nayo isahamba kukhondolo lwakudala lobuchwepheshe besimanje, nokuqinisa kwezokuphepha. Njengamanje iGolf kuseyiyona umafungwase esitebeleni sakwaVW eNingizimu Afrika. Ngesikhathi iGolf entsha yethulwa ngo 2021 abazange bayengeze injini engu 1-4 TSI, kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwa VW basibona isidingo sokubuyisa lenjini ekhiqiza amandla afinyelela ku 110kW netorque engu 250Nm nogearbox odonsa ngamagiya angu 8 itiptronic transmission. Kulula ukuyibona ngenxa yohlobo olusha lwamalambu iLED headlight bese kuthi lena esesigabeni esithe thuthu, itop-of-the-range iphume ne-IQ.light LED matrix okungamalambu ongakwazi ngisho ukucosha inaliti uma ekhanya, akwazi ukukhanyisa indawo engaba ibanga elingu 500m. Kwa VW benze isiqiniseko sokuthi akekho osala ngaphandle kubathandi beGolf ngokuyihlukanisa ngezigaba okukhona kuzo iGolf Life, Life Plus, R ne R-Line Plus.

Ukuhlukana kwezinhlobo

IGolf Life ibonakala ngamalambu e-Eco LED okwenza umshayeli akwazi ukubona kalula okuphambi kwakhe. Ngaphezu kwalokho iphuma neWireless App Connect neCruise Control System. Umsakazo othe chwa phakathi komshayeli nephasenja ungu 10.3 inch, izipikha ezingu 6, udashboard ukwazi ukushintsha imibala kuhle konwabu okuze kube yimibala engu 10. Amasondo angu 16 inch ahambisana nerimu lakhona.

IGolf Life Plus iphuma neDriver Profile Selection, ikhamera yangemuva, izihlalo eziyisporty. Uhlobo lwe R-Line lusaphethe sona isitayela olwaziwa ngaso njengezihlalo ezigqize ngophawu lwe R-Line nezindawo zokuqamelisa ikhanda ezakhiwe zahlangana nezihlalo, amasondo angu 17 inch, amalambu eLED, Park Assist ehambisana nePark Distance Control, Progressive steering ekanye nesports suspension, Climatronic 3-zone automatic climate control, uyakwazi ukuyivula ngaphandle kukakhiye, isiterigi esiqukethe okuningi okulawula imoto iMulti-Function esikwaziyo ukuzifudumeza. Uyakwazi nokuyishintsha esandleni ngenxa yama shifting paddles.

Uhlobo lweR-Line Plus angeke lukudide nangengozi ngenxa yophawu lakwaVW oluthe chwa ngaphambili uhlobo lwamalambu i-IQ Matrix LED, isihlalo somshayeli sisebenza ngogesi, izihlalo zangaphambili ungakwazi ukuzifudumeza uphinde uziqandise, izihlalo zesikhumba zohlobo lweVienna, phansi amaphedali awuhlobo lwenguganaboya (istainless steel)  namasondo aphuma nerimu angu 18 inch.

IVolkswagen Golf iphuma ne warranty yeminyaka emithathu okanye ibanga lika 120 000 km kanye ne service plan yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika 90 000km. Iservice ingumgomo njalo emuva kwebanga elingu 15 000 km.

Intengo

Golf 1.4 TSI 110kW Tiptronic Life: R580 900

Golf 1.4 TSI 110kW Tiptronic Life Plus: R604 500

Golf 1.4 TSI 110kW Tiptronic R-Line: R660 000

Golf 1.4 TSI 110kW Tiptronic R-Line Plus: R688 100