Ukushayela

Ungawugwema umgoga wokuqhunyiselwa amathayi emgwaqeni

Muva nje sekuyinsakavukela ukuqhunyiswa kwamathayi ezimoto ngenhloso yizigebengu emigwaqeni ethile yakuleli. Lobugebengu bebuvame ukwenzeka ebusuku kodwa esikhathini esiningi nasemini abashayeli sebezithola beyizisulu zalokhu. Izithombe zakamuva ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ziveza obala lobugebengu lapho izigilamkhuba zibeka izinto ezihlabayo emgwaqeni okungelula ukuthi umshayeli azibone.Kokunye lezinto ezihlabaya zimbozwa ngezinto ongeke uzinake ukuthi zingadala umonakala njengocwazi nje. Izigilamkhuba zikwenza lokhu ngenhloso yokweba izimoto, ukuphanga abashayeli nokweba. Ungoti oyisikhulu esiphezulu enkampanini elula kwezokuphepha emgwaqeni iMasterDrive, u-Eugene Herbert, uthi abashayeli kumele balindele noma yini ngoba akusekho ukuthi bazoqaphela kakhulu ngezikhathi zasebusuku ngoba nasemini lomkhuba usudla lubi.UHerbert ululeka abashayeli ngokuthi bangakugwema kakhulu ukuzithola sebelala emgwaqeni ngenxa yokuqhunyiselwa amathayi.

Nazi izeluleko kubashayeli:

  • Abashayeli bakugweme ukuhamba phezu kwanoma yini emgwaqeni okungaba ucwazi ngisho izimpahla zokugqoka ezisakaziwe ngoba  kungenzeka ukuthi umgoga ungaphansi kwazo.
  • Uma kukhona imoto engaphambi kwakho, yehlisa ijubane uyinike isikhala ukuze ubone uma kukhona okushaya amanzi.. Uma ibamba amabhuleki isigubhukane kungasho ukuthi kukhona okusolisayo.
  • Uma ikhona indlela umgwaqo uthule ungakwazi ukugxamalaza ukugwema umgoga.
  • Uma uzodlula ngaphansi kwebhriji zama ukushintsha umzila ngaphambi kokudlula ngoba kuvamisile ukuthi bacuphe ezindaweni ezingaphansi kwebhriji..
  • Zama ukwehlisa ijubane ukuze ukwazi ukubona kahle uma kunenkinga ngaphambili ukuze ukwazi nokushintsha ukwenza.
  • Qinisekisa ukuthi amalambu akho akhanya ngendlela. .
  • Lapho kwenzekile washeshe wawubona umkhona shintsha umzila uye kulowo wezimoto zezimo eziphuthumayo.
  • Eminye imigogo ebekwayo kuba nzima ukuyigwema uma ikhona indlela zama ukwehlisa ijubane udlule kuyo ngobunono bekati. Lapho kungaba imigoqo yezingodo okanye ugqinsi lukakhonkolo.