
Ukukhathala kunomthelela ezingozini zomgwaqo
Njengoba sezihubela sakusha ngokuqala kwamaholidi kaKhisimusi nesiminyaminya sezimoto emgwaqeni siya ngokukhula. Minyaka yonke ngalesikhathi sonyaka siyanda isibalo sabantu abafayo ngenxa yezingozi zomgwaqo ezinye zazo ezidalwa ubudedengu. Inhlangano i-Automobile Association (AA) igqugquzela abashayeli ukuthi benze isiqiniseko sokuthi izimoto zabo zisesimweni esikahle futhi bawenze wonke amalungiselelo ngaphambi kokungena emgwaqeni. Kwa AA banohlelo lokulekelela abashayeli abalubiza nge125-point olutholakala ezikhungweni ezigunyaziwe zale nhlangano ezweni lonke.
Ngalolu hlelo akugcini nje ngokuthi umnikazi wemoto athole ulwazi oluphelele ngezinto ezidiga ukuqashelwa emotweni yakhe, kodwa baphinde babe nomakhenikha abaseduze abangamsiza ukuze kungabi khona ubuhixihixi endleleni. Abakwa AA bathi ngaphandle kokuxilongwa kwemoto umshayeli okunguye omqoka abamshiyi ngaphandle. Le nhlangano igqugquzela abashayeli ukuthi ngaphambi kokuthatha uhambo olude basazi isimo sabo sempilo okungaba yisemzimbeni okanye emqondweni. Ngokusho kwabo ukukhathala ngezinye zezinto ezinomthelela omkhulu ezingozini eziningi zomgwaqo kuleli.
“Ukukhathala usesiteringini singacishe sikufanise nokushayela uphuzile ngoba kungaholela engozini yomgwaqo ebucayi ikakhulukazi uma umshayeli ehamba ngesivinini esiphezulu,” kucacisa isitatimende sakwa AA. Bathi ukufikelwa ubuthongo nokungquphazela kwenza ungawuboni kahle umgwaqo ugcine ungasaqondi ukuthi kumele uthathe yiphi indlela emgwaqeni. Kwa AA baxwayisa abashayeli ngokuthi isimo abasuke bekuso emgwaqeni asigcini nje kuphela ngokuthinta bona nalabo abasuke bekanye nabo ezimotweni, kepha sithinta kakhulu abanye abasebenzisi bomgwaqo.
Le nhlangano igqugquzela ukuthi abashayeli bazinike isikhathi esanele sokulala ngaphambi kokuthatha uhambo olude. Baphakamisa nokuthi okungenani akube khona omunye umuntu okwaziyo ukushayela ukuze kushintshwane uma sekukhona okhathele. Bathi akumele imoto ilayishe ngokweqile ngoba lokho kungaba nomthelela ekuyilawuleni uma kwenzeka kwehla ingozi. Bagqugquzela ukuthi abashayeli bahlole amasondo, u-oyela nokunye okumqoka ngaphambi kokuthatha uhambo.
