
ISuzuki Auto neFleetMax namasu okusiza abashayeli
Akusekho ukujikela emva kwendlu sesiqalile ukuzwela isiminyaminya samaholidi kaKhisimusi. Njengaminyaka yonke kuvamile ukwanda kwezingozi zomgwaqo ngalesikhathi. Ngesikhathi abanye bezobe beziphumulele emakhaya kukhona abazongena emgwaqeni bevakashela izihlobo, abangani, nabathandiweyo babo kuzona zonke izinkalo zezwe. Kukhona konke lokhu okuzobe kuphambili kubantu ukufika lapho bebabele khona bephephile. Kungephikwe ukuthi ukuthatha uhambo ngalesikhathi kunezinselelo eziningi. Abashayeli abagcini nje ngokubhekana nesiminyaminya emgwaqeni, kodwa kukhona nabanye abashayeli abadinga ukubekezelelwa kuphinde kube khona nokukhathala ngenxa yokuhlala esiteringini isikhathi eside. Emizamweni yokulekelela abashayeli nabasebenzisi bomgwaqo ukuthi bafike bephephile lapho beya khona, iSuzuki Auto South Africa ihlangane neFleetMax Africa baqhamuke namasu amahlanu angasiza abashayeli abawabiza ngeS.M.A.R.T okuyingxenye yohlelo olubizwa nge-DriveSmart with Suzuki road-safety curriculum. Ngokusho kwesikhulu kwezokuKhangisa kwaSuzuki Auto South Africa uBrendon Carpenter abantu baseNingizimu Afrika bayazifela ngokuthatha uhambo ikakhulukazi uma sekusongwa unyaka. Uthi uma ubheka ukuthi kolunye uhambo kugcina kungahambanga ngendlela obekuhlelwe ngayo, abanye bazithola besezingozini zomgwaqo, ukuxabana kwabashayeli emgwaqeni kokunye kube isibhicongo esinzima kakhulu. “KwaSuzuki sikholelwa ukuthi lokhu nje akunasidingo futhi kungagwemeka, yingakho sihlangane neFleetMax Africa ukulekelela abashayeli ngamaholidi.”
Ngalolu hlelo bathi kumele ukwazi ukubheka umgwaqo osazohamba kuwo, uhlole izibuko ezinhlangothini nalesi esibheka okuza ngemuva njalo emuva kwemizuzwana, ngaphambi kokunyathela amabhuleki bheka ukuthi ayikho yini imoto emuva kwakho.
- Hlolisisa ukuthi ayikho yini into engaba yisithiyo okanye ikuphazamise emgwaqeni ukuze ukwazi ukwehlisa ijubane okanye ushintshe umzila. Khumbula ukuthi uma usheshe wayipopolo ingozi unesikhathi esanele sokwenza ushintsho
- Gwema izinto ezingakuphazamisa. Lapha kungaba umsindo weradio okanye ingxoxo esuke isiphezulu nalabo ohamba nabo. Iselula ingakuphazamisa, zama ngasosonke isikhathi ukugxilisa ingqondo yakho emgwaqeni ukhohlwe eminye imicabango.
- Khumbula izinto ezinhlanu ezimqoka zokuziphephisa emgwaqeni njengokugxilisa ingqondo emgwaqeni.
- Cabanga ngokuphepha kwabobonke abasebenzisi bomgwaqo. Cabanga ngalabo abathandiweyo bakho abakulindile, fika lapho uya khona ungenakho ukuzisola. Isikhulu esiPhezulu kwaFleetMax Africa u-Ashref Ismail uthi ngoDisemba nangoJanuwari siyakhula isibalo sezimoto emgwaqeni futhi yilapho abantu bebhelela khona nayisineke sebejahe ukufinyelela lapho beya khona.
“
