
Ishaya amakhala i-AA ngokuphepha kweChery
I-Automobile Association (AA) isizwakalise ukukhathazeka kulandela umphumela wokuhlolwa kwezimoto wakamuva obizwa nge#SaferCarsForAfrica.
Lo khankaso oqhamuka kwiGlobal NCAP emhlabeni oveze ukuthi iCherry Tiggo 7 Pro ithole kuphela izinkanyezi ezimbili ngesikhathi ihlolelwa ukuphepha kwabagibeli asebekhulile.
Lokhu kuthiwa kungenxa yokuthi ayinayo indlela eyakhelwe evikela ikhanda kubagibeli bangaphambili nabangemuva uma kwenzeka kwehla ingozi.
Izinga lokuphepha kwabagibeli abayizingane ekuhlolweni kwalo lithole izinkanyezi ezintathu.
Naphezu kwalokhu iChild Restraint System (CRS) ihlulekile ukufakwa kuzozonke izihlalo zangaphambili nangemuva.
Lo mphumela kube ngowokuhlolwa kweTiggo 7 esesigabeni esiphansi edayiswa eNingizimu Afrika.
Isikhulu esiphezulu kwa-AA uBobby Ramagwede, uthe ukuhlolwa kwakamuva okwenziwe iChery SA bakubone njengokungaphephile futhi okudukisayo.
