Imicimbi

IMahindra yethule imboni entsha eThekwini

Yembule ikhasi elisha emkhakheni wezimoto iMahindra South Africa kulandela ukwethula isikhungo esizohlanganisa izimoto zabo eDube TradePort Special Economic Zone, eThekwini kuleli sonto. 

Lesikhungo esisha siseduze nesikhungo esidala sakwaMahindra esavulwa ngo 2018. 

Isikhungo esisha sisesigabeni esilinganayo kwezobuchwepheshe besimanje nezinye zale nkampani emhlabeni jikelele. 

“Isikhungo sethu esidala sibambe elikhulu iqhaza ekwenzeni isiqiniseko sokuthi iMahindra iyakhula eNingizimu Afrika,” kusho isikhulu esiphezulu sakwaMahindra South Africa uRajesh Gupta.  

Eqhuba uthe njengoba uhlobo lwezimoto zabo ezingamaPik Up luthengwa ubuthaphuthaphu babone isidingo sokushintsha ukwenza ngokwethula isikhungo esivulekile futhi esisezingeni eliphezulu kwezobuchwepheshe ukuze babhekane nezidingo zamakhasimende abo. 

Lesikhungo  sizokwazi ukukhiqiza izimoto ezingu 1000 ngenyanga zohlobo lwe Pik Up nama double cab, kodwa maningi amathuba okuthi lesi sibalo sikhule uma banda abantu abathenga izimoto zabo. 

Okunye okuvezwe abale nkampani emcimbini wokwethulwa kwalesi sikhungo ukuthi basezinhlelweni zokwandisa izinga lamaphathi ezimoto zabo eNingizimu Afrika. 

Ngasekuqaleni konyaka iMahindra ihlangane ne-Industrial Development Corporation (IDC) lapho beqale khona ukubheka ukuthi mangakanani amathuba okuqala isikhungo esisha esizokhiqiza izimoto kusuka phansi. 

URajesh uthi abakwenzayo manje kukhombisa ukuzibophezela kwabo ekudaleni amathuba emisebenzi nokukhiqiza izimoto ezisezingeni futhi ezizohambisana nezidingo zamakhasimende abo kuleli. 

Selokhu iMahindra yaqala ukuhlanganisa izimoto zayo kuleli ngo 2018, isiphumelele ukuba phakathi kwezimoto ezingu 10 ezihamba phambili eNingizimu Afrika. 

OyiNhloko ku-International Operations kwaMahindra & Mahindra uSachin Arolkar uthe iNingizimu Afrika imqoka kakhulu ekukhuleni kweMahindra emhlabeni.

 UDkt  Dempsey Naidoo, uSihlalo we-AIH Logistics abasebenzisana noMahindra uthe ukubambisana kwabo kusukela ngo 2018 sekuthele izithelo ezinhle.