Imicimbi

IJMC igubhe iMandela Day nabadala

Njengendlela yokubuyisela emphakathini inkampani yezimoto iJMC South Africa ngokubambisana neRaceview Motors, iJMC e-Alberton igubhe iMandela Day eKhaya Labadala i-Elandsvallei Home for the Aged in Primrose, eGermiston.

Abebemele le nkampani badlulisele kuleli khaya impahla ezobagcina inyanga yonke okuhlanganisa igrosa, izinto zokugcina ikhaya abahlala kulo lihlanzekile, baphinde bahlonipha nabasebenzi abazinikela ubusuku nemini benakekela abantu abadala. I-Elandsvallei Home for the Aged yasungulwa ngo-1951 kanti namuhla ingaphansi kweSouth African Red Cross Society. 

“UNelson Mandela wasikhumbuza ukuthi okumqoka nokunesigqi empilweni umehluko esiwenzayo empilweni yabanye abantu,” kusho uBianca Naudé, oyiMenenja kwaMarketing neCommunications enkampanini esabalalisa izimoto zakwaJMC eNingizimu Afrika iSalvador Caetano Group, GAC Motor & JMC Motor South Africa. Kulezinsuku iJMC South Africa ishaya ngengqovungqovu yeveni iJMC Vigu.