ImicimbiIzimoto

ICaptur yakwaRenault iwine umklomelo omkhulu wonyaka

Bahambela phezulu kwaRenault South Africa emuva kokuba iRenault Captur entsha ichonywe uphaphe legwalagwala.

Lokhu kwenzeke emcimbini iTopGear South Africa Magazine Awards 2025 muva nje iReanault Captur iwine umklomelo weCrossover Car of the Year. 

Ngokusho kwabakwaRenault lo mklomelo ushayelela isipikili kwiCaptur sokuba ngenye yezimoto ezinesitayela.

Bathi kufakazela ukuthi nebala iyimoto ebhekana nazo zonke izimo, futhi ngeyisimanjemanje kuma-crossover eNingizimu Afrika. 

Idle umhlanganiso ngendlela ebukeka ngayo kusuka kwisakhiwo, nokuba yimoto ejwayeleka kalula esiteringini kubashayeli. 

Amajaji eTopGear ayikhiphe phambili esigabeni sayo kusuka ezintweni ephuma nazo uma iqhathaniswa nezinye ezikulesi sigaba nangendlela eshayeleka ngayo. 

Ephawula onguVice President kwaMarketing & Communication uNosipho Manitshana uthe ukuvelela kweCaptur kuqhakambisa ukusondelana kwayo nabantu.

Uqhube wathi iyajabulisa nendlela elangazelelwa ngayo namuhla kulesi sikhathi sezimoto zohlobo lwamaCrossover.

ICaptur yethulwa ngo-2025 futhi isaqhubeka nokuzibonakalisa  nokuvelela kumakhasimende afuna uhlobo lwe-compact SUV ezokwazi ukumelana nazo zonke izimo kusuka ukuyisebenzisa emadolobheni  kuya ekuthatheni uhambo olude.