
Ifike ngeshodi i-Audi A5 Sedan
Balinyuse kakhulu izinga kwa-Audi nge-A5 entsha, yingakho ungeke wakhala nakancane uma kumele uphiphe imali engaphezulu kwesigidi uma ufuna ukuhamba ngale moto.
Ubude bayo bungu 4, 829 mm isesigabeni seSedan. Kwa-Audi banethemba elikhulu lokuthi i-A5 izoqhubeka lapho kushiye khona i-A4 ngokuba yintandokazi yemoto.
Njengoba kuyiSedan iphakathi kwe-A4 ne-A6 kodwa kwa-Audi bayakugcizelela ukuthi lena yimoto ezimele.
Njengoba sikhuluma ngokuthi izinga balinyusile lahambisana nentengo yayo engu R1,123,000.
Injini yakhona ingu 2.0 litre turbocharger ikhiqiza amandla afinyelela ku 146kW netorque engu 340Nm, bese idonsa ngamasondo angaphambili.
Kukhona nekhiqiza amandla afinyelela ku 200kw, itorque engu 400Nm Quattro edonsa ngawowonke amasondo.
Ngaphezu kwalokhu kukhona neBlack Edition ebiza R1,166, 800 ephuma nezibuko ezigqize ngomumnyama, amasondo angu 19 inch amnyama, ama brake calliper abomvu.
Kulezi nyanga ezizayo kwa-Audi South Africa basazoshubisa izinto ngoba kuthe emcimbini wokwethulwa kwe-A5 bamemezela ukuthi kunohide lwezimoto abazozethula okukhona kuzo nolunye uhlobo lwale-A5.

Izinjini zombili zidonsa ngogearbox ongu-7 speed dual clutch, bese enye yazo idonsa ngamasondo angaphambili.
I-A5 yethulwe eGoli emigwaqeni ekhululekile ngaphandle kwesiminyaminya lapho sithole khona ithuba lokuyivivinya.
Ubuhle bungaphandle nangaphakathi. Iphuma nescreen esingu 14.5 inchesisebenza ngokusicindezela kanjalo nedigital instrument cluster engu 11.9 inch okuqondene nomshayeli (curved).
Iphasenja kule A5 nalo liyakwazi ukusebenziss esalo iscreen esakhiwe saqondaniswa nalo ngqo, okwenza umshayeli angakwazi ukubona ukuthi udlalani kuso.
Lokhu kwenzelwe ukugwema ukuthi umshayeli asuse amehlo emgwaqeni ngoba epopola eceleni.
Le screen esingu 10.9 inch naso asiwona umgomo kodwa kungaya kumuntu ukuthi uyasidinga yini. Iphuma ne heads up display , izihlalo zesikhumba ezithambile. Igqomu lomsindo wezipikha iBang and Olufsen ezize zixhunywe kuma headrests ngaphambili.
Kulezipikha uyakwazi ukuxuma iselula uyizwe kuheadrest ngaphandle kokuphazamiseka kohamba naye, kukhona iwireless Apple CarPlay ne-Android Auto.
IPanoramic Sunroof inguvala
ngaphandle kokuba ubhememe lwemoto enye into engibona ukuthi izodlisa kakhulu kule A5 uhlobo lwesunroof abeze nalo.
Le sunroof uyakwazi ukuthi uyishintshashintshe imibala kuye ngokuthi isimo sezulu sithini nokuthi wena mshayeli ufuna imoto ibe njani ngaphakathi.

Iyakwazi ukuguquguquka izikhathi ezingu 6 abathi iswitchable transparency. Ikwazi ukuhlela ugabagaba kusuka phambili kuyoshaya emuva kuye ngokuthi umshayeli ufuna ukukhanya okungakanani ngaphakathi emotweni.
Udedangendlale ngemuva
Ngokujwayelekile izimoto ezidle ngokubhasha futhi ezakhelwe ijubane akujwayelekile ukuthi zibe nesikhala esanele ngemuva.
Ekuyivivinyeni kwethu sinqamula emigwaqeni egudla iCraddle of Humankind sisuka eLanseria ngiyithole ivulekile ngemuva ngoba nomsalakanca wensizwa ebengiyibambe kanye naye akukho lapho uke wakhala khona ngokumpintsheka.
Nesikhala sebhuthi esingu 340 litre asikhalisi neze. Ngesikhathi siyidedela ngikuqaphelile ukuthi ithule emgwaqeni nasemajikeni akukho lapho uzithola usubambelela khona ngenxa yokugudluzela.
Umsindo ovamise ukuzwakala kabuhlungu lapho imoto isejubaneni awukho nhlobo kwi A5.

Yinto engabuzwa ukuthi ukutheleka kwezimoto zohlobo lweSUV kungemise okomlilo wequbula okwenze amaSedan asilela ngemuva, kodwa kwa Audi South Africa babonakala bezokushintsha lokho nge A5.
Usayithi nhla nje ngeso uyawuzwa umuzwa wokuba yiSporty kusuka kugqinsi lwamasondo, amalambu eMatrix LED, ibhonethi ehamba ize iyogamanxa kobhampa.
Ngemuva kube i3D light bar beze ivala ngezinqawe. Amasondo angu 19 inch, run flat, electric tailgate, lane departure warning, parkassist plus, rear view camera
Audi A5 TFSI S line S tronic
- Intengo           : R1 123 000
- Injini             : 2.0-litre, four-cylinder, turbopetrol
- Ugearbox         : 7-speed dual clutch  Â
- Amandla         : 150 kW @ 4 300-6 000 r/min, 340 N.m @ 2 000-4 000 r/min
- Ijubane eliphezulu : 248 km/h
