
Ayikho imbangi efika kwiHyundai Tucson 2 litre kadizili
IHyundai Automotive South Africa ayizange iyenze imvunge yomcimbi omkhulu ngesikhathi yethula iTucson 2 litre turbo diesel makhathaleni nonyaka.
Ngolwimi lwezimoto iTucson yethulwa ngohlelo lwe paper launch, kepha izigi zayo ziyazwela yize kunjalo.
Ngesikhathi ngithola ithuba lokuyivivinya kimina kubuye umuzwa weTucson N-Line kodwa uma usuphakathi kuyo uyezwakala umehluko.
Akubuzwa ukuthi iTucson ingena esigabeni okuminyene utshumo kuso. Umuntu uzozibuza ukuthi yini eyenza iTucson 2 litre kadizili yehluke ezimbangini zayo.
Incintisana neVW Tiguan, iKia Sportage phakathi kwezinye izimoto nazo ezidonsa ngodizili.
Okuyenza yehluke ukuthi iTiguan ithe ukuluma ephaketheni ngo R50 000 okuyimali enkulu kulesikhathi sanamuhla, ngakolunye uhlangothi iSportage siyasilela ngamandla.
Okuyikhipha phambili ngakho konke iTucson ukonga kudizili. Ngiqaphelile ukuthi ngebanga lika 100km/h icaphuna amalitha angu 6.5 kuya ku 7.0 litres nje qha.
Uma igcwele mpu ikunika ibanga lika 730km. Kungalezi zizathu iTucson kuyiyona imoto edayisa kakhulu kwaHyundai esigabeni sama-SUV.
Iyanamathela emgwaqeni
Le njini engu 2.0 litre turbodiesel ikhiqiza amandla afinyelela ku 137kW netorque engama-416Nm. Emgwaqeni akudingi ukuthi ucabange kaningi iyazishibilikela.
Lapho kunesiminyaminya kulula ukuyijikijela emzileni wezimoto zejubane (fast lane). Ngikuqaphelile ukuthi awukho umsindo (wind noise) obanga esikhulu isicefe ovamise ukuzwakala kwezinye izimoto uma isejubaneni eliphezulu.
Njengoba umuntu ephuma emakhaya nje eSouth Coast akubanga yinkinga ukunqamula imimango ngoba ilishiyile igabadi ngo 172 mm.
Abagibeli bangemuva nangaphambili bahlala ngokukhulu ukukhululeka. Umthwazilothwishi wensizwa esisondelene nayo ebengizitshela ukuthi kungenzeka ibe nenkinga okhakhayini ngemuva size sayongena kwaShozi Mazungu e-Adams ingazange ikhale nakancane.
Akukho lapho abagibeli bezithola khona sebenenkwashu ngenxa yokuthothana kwezihlalo ngoba ileg room ivulekile.
Nempahla ebesiyilayishe ngemuva ibihleli ngokukhululeka ngenxa yesikhala sebhuthi esingudedangendlale ka 539 litres. Ezindaweni ezinodaka ngiyithole idabula kalula nangu 18 inch alloy wheel..
Okutholakala kuyo
Angikusho ukuthi muva nje kwaHyundai bawakhipha wonke amagalelo lapho behlanganisa izimoto zabo ngaphakathi.
Insizwa ebesihamba nayo itheingena nje ngaphakathi kuyo yahluleka ukuzibamba yasebenzisa igama elikhulu lesilungu yathi ingaphakathi leTucson li “posh”.
Ngiyavumelana ngokugcwele nayo. Kusuka kupanoramic sunroof, uhlobo lwesiteringi esikwazi ukuzifudumeza, izihlalo zangaphambili nazo ungakwazi ukuzishisisa ziphinde zibande.
Okungumfana wami kugcine sekungibuza ukuthi kungani zonke izimoto zingakwazi ukuzifudumeza izihlalo ngoba iyona into emthathile lena ngeTucson.
Iphuma nama sensa ngemuva nangaphambili, iyakwazi ukukwazisa uma uzojikela endaweni enobungizi (iblind spot monitor).
Lapho uzoshayisa khona ngaphambili nakhona iyakuxwayisa iphinde iphume nama wiper akwaziyo ukusebenza uma kuqala ugcabhayiyane wemvula ngaphandle kokuthi uze uwathinte wena mshayeli kanye ne-adaptive cruise control
- INTENGO: R709 900
- IWARANTI: Iminyaka emihlanu okanye ibanga lika 150 000km
- SERVICE PLAN: Ibanga lika 75 000km okanye iminyaka emihlanu, neminyaka engu 7 okanye ibanga lika 200 000km le drivetrain warranty
Ngaphandle kweHyundai Tucson 2.0 Diesel Executive AT ebesiyivivinya, ezinye izinhlobo ezikhona zeTucson i 2.0 Premium AT ebiza R559 900 neTucson R2.0D N Line AWD AT – R859 900
