
IHyundai Pinetown ichonywe uphaphe legwalagwala
Ukusebenza ngokuzikhandla ukunakekela amakhasimende, izinga eliphezulu lokulungiswa kwezimoto kwenze igaraji lakwaHyundai ePinetown, eThekwini, lachonywa uphaphe legwalagwala emhlabeni jikelele.
IHyundai Pinetown kumanje ingene esigabeni samagaraji ayikhulu ahamba phambili emhlabeni esibizwa ngeGlobal Top 100 Dealers of the Year.
Akubanga umlingo ukuthi iHyundai Pinetown izithole ikuleli zinga njengoba isuka kude ekubekeni phambili izidingo zamakhasimende.
Kuleli sonto abasebenzi abangu-62 abangabadayisi bezimoto okuhlanganisa nozakwabo emkhakheni ehlukene babungaze lendumezulu yempumelelo.
Bekunesikhulu esiphezulu sale nkampani uStanley Anderson emcimbini obuwenzelwe kulona leli garaji.
Esika kwelijikayo uStanley owengamele iHyundai Automotive South Africa
uthe okwenziwe iHyundai Pinetown kuyisibonelo sokuthi uma kunobuholi, intshisekelo, namaqhinga amasha akukho okungenzeki.
“Le mpumelelo ayikho nje kuphela ngezibalo zokudayiswa kwezimoto kepha ikhombisa izinga esinakekela ngayo amakhasimende wethu”.

Umphathi waleli garaji uSydney Francis obebonakala ukuthi wenganywe yinjabulo ubonge kakhulu ozakwabo wathi ngaphandle kokubambisana bebengeke bayizuze lempumelelo.
USydney othathe izintambo zokuphatha ngo-2022 akakufihlanga ukuthi bezikhoma izinselelo njengoba kuminyene utshumo embonini yezimoto.
Kepha abakwenzile ukusebenza kanzima nokungabi nje kuphela igaraji elidayisa izimoto, babheka nokuthi yini engabenza babe ngabehlukile.
IHyundai Pinetown isuka kude njengoba ngo-2002 yabe inabasebenzi abathathu nje kuphela abadayisa izimoto.
Ngaleso sikhathi babedayisa ezimbili kuya kwezine ngenyanga.
Namuhla leli garaji lidayisa izimoto ezintsha ezingu-125 zinyanga zonke, kuthi ezingamasekeni zibe ngu-110 nyangazonke.
Ngenyanga zingu-1000 izimoto abazilungisayo (service).

