
IGAC Motor SA igubhe iMandela Day nezingane
Ayisalanga ngaphandle osukwini lokubungaza owayenguMengameli inkampani yezimoto iGAC Motor South Africa.
Le nkampani ngokuhlanganyela neGeneration Schools neReal Madrid Football Foundation South Africa bahambele izingane eKapa bezinika ukudla, bexoxisana nazo ngezingqinamba ezihlangabezana nazo empilweni njengengxenye yeMandela Day.
Umcimbi ububanjelwe eGeneration Schools Imhoff eKommetjie.
Lo mnikelo owenzelwe izingane ubuhambisana nalokho uMandela ayekholelwa kukho okuthi, “Ayikho indlela umphakathi ongakhombisa ngayo uthando ngokuveza indlela onakekela ngayo izingane.”
Isikhulu Esiphezulu kwaGeneration Schools uJevron Epstein uthe ngosuku lokubungaza uMandela bekungekona nje kuphela ukunikela emphakathini, kodwa bekuwukukhombisa ukuma nezingane lapho kunezinselelo khona.

Uthe ukusebenzisana kwabo neGAC Motor kuyaqhubeka nokukhombisa ukuthi ukubambisana okuqotho akukhonjiswa nje kuphela ngezethembiso kodwa nangokuba khona lapho kusuke kunezidingo.
Njengoba iGAC Motor South Africa iqhubeka nokuqinisa ukuzinza kwayo ezweni ukuzibophezela nasekubambisaneni nezinye izinkampani yinto eseqhulwini.
Kwa GAC Motor South Africa bathi ngokusebenzisana nezinhlangano ezinjengeGeneration Schools ne Real Madrid Football Foundation, basendleleni yokubheka ukuthi kusho ukuthini ukuletha uzinzo ezintweni zokuthutha ikakhulukazi izimoto eNingizimu Afrika.
“Asizile lapha ngoba nakhu sidlula nje kodwa sinezinhloso,” kusho uBianca Naude, oyiPR and Communications Manager kwaSalvador Caetano South Africa.
“IMandela Day isikhumbuza ukuthi akuyi ngokuthi yini oyibeka phambili, kuya ngokuthi yini ekubeka phambili. Kwa GAC inhloso ukubeka phambili abantu.”
