Izimoto

Ugesi wodwa iVolvo ES90 sedan 

Emuva kwezinsuku eziyisikhombisa ngingowehlukile eNingizimu Afrika kwazise bengivivinya uhuntshu lwe luxury sedan  iVolvo ES90 esebenza ngogesi, kube nzima ukwehlukana nayo. 

Ukukhuluma nje iqiniso okomuntu efa emuva komuzwa wemoto esebenzisa ugesi kusuka phansi kuya phezulu ngizithole ngingasafuni nokuyizwa nalapho ihambe khona imoto enenjini. 

Umsindo wenjini, ukungena emagaraji uyochathaza yinto oyizwa ngendaba ku-ES 90 fully electric sedan edonsa ngemuva. 

Akuthusanga ukuthi iVolvo iqhamuke nemoto esezingeni eliphezulu kangaka ngobuchwepheshe ngoba nasemlanweni wayo le nkampani yaseSweden iyaziwa ngesitayela, ubukhazikhazi, ikhwalithi, okungenye yezinto eyenza yehluke ezimbangini zayo phakathi kwazo okukhona  iBMW i5.  

Ezinyangeni ezedlule kwaVolvo Car SA bakhethe elikaMthaniya eKwaZulu-Natal eMaphakathi njengendawo elungele ukwethulwa kwe ES90.

 Imigwaqo emincanyana emazombezombe nezikhinsi yiyona kahle ebifanele le moto kwazise noma umgwaqo usesimweni esibi kangakanani kubagibeli akuzweli.

IVolvo ihlukene ngezinhlobo ezintathu kusuka kwi-Core R1 590 000, -Plus R1 655 000 kanye ne-Ultra R1 795 000 okuyiyo eyokugcina.  

Okwamanje zonke izinhlobo ezintathu ze-ES90 zisebenza ngendlela eyodwa ngokudonsa nge motor elekelelana nebattery efakwe ngemuva enamandla afinyelela ku-92 kWh. 

IVolvo ES90 ikhiqiza amandla afinyelela ku-245 kW kanye neTorque engu-480 Nm. Ngaphezu kwalokho kunesistimu kagesi engu-800V.

Ukuphepha, Ukubambelena  Nesakhiwo

Kusukela kubunjiniyela, ukwakheka, isitayela kuya kubuchwepheshe, iyimoto enhle ekhangayo. 

Uma ngibuyela emuva ngigcine ukuthola ingqayizivele yethuba lokuvivinya imoto yakwaVolvo eminyakeni eminingi edlule, kepha ukungena kwi-ES90 kuwubuyise wonke lowo muzwa. 

Umumpu emgwaqeni, ubunyonicho bobuchwepheshe bakwaVolvo buzakala kahle uma uzoyifaka emgwaqeni ovulekile. 

Akungatshazwa ukuthi kwaVolvo bazinike isikhathi ekuhlanganiseni ubunjiniyela. 

Indlela ehlanganiswe ngayo yenza nomsindo ocunulayo ovamise ukuhaza uma imoto isemgwaqeni ovulekile uwuzwe ngendaba. 

Lena esithole ithuba lokuyivivinya i-Ultra okuyiyo okungeyokugcina ngezinga iphuma namasondo angu 21 kuya ku 22 inch kuye ngokuthi umuntu ukhetha luphi uhlobo. 

Ngaphambili akubuzwa ukuthi iVolvo uqobo. Amalambu aneLED angaphambili aphinde ehlele ngezansi azishaye sagwegwe engeza ubuhle. 

Lolu hlobo lwamalambu luyaqhubeka nangemuva lapho emise khona okophawu luka-C.

 Uma usondela nje eduze kwayo nokhiye iyazivulekela bese iphayiza wonke amalambu maqede ulandelwa  zihlwele zifuna ukwazi kabanzi ngayo. 

Ibhuthi ngemuva ngesifanayo ngesikhala sokulayisha impahla esingu 446 litres. 

Ngaphambili kwibhonethi lapho kuvamise ukuba isikhala senjini kwezinye izimoto khona kunesikhadlala esingu 27 litres ongakwazi ukugcina kuso impahla yakho emqoka. 

Ingaphakathi

Kuzo zonke izimoto engizivivinyayo ngiqala ngigxume ngemuva ngaphambi kokungena  esihlalweni somshayeli.  

Okungihlabe umxhwele nge-ES90 ukuthi ingudedangendlale ngemuva nangaphambili. Cishe abagibeli ngemuva bahlinzekelwe ngakho konke ngaphandle kwesiteringi nescreen. 

Ngemuva kulula ukuzelula ngenxa yokuthi indlalekile (flat floor). 

Ipanoramic sunroof isebenza ngebhathini elikwazi ukuyishintshashintsha imibala kuye ngokuthi ufuna idime noma igqame. 

Izihlalo ungakwazi ukuziqandisa nokuzifudumeza. Ngaphambili konke kulawulwa kwiscreen esiqukethe konke kusuka kuGoogle map, izindlela ezihlukene zokuyishayela,irange netrip monitors. 

Ukuze ufisa ukuvula idash board  ucindezele inkinobho netailgate esebenza ngogesi.

Izintambo zokushaja zigcinwa endaweni engemuva, okuyibhonasi ukuthi ungakwazi ukuyishaja ekhaya yize kuthatha isikhathi eside. 

Kulesi sikhathi sokwenyuka mawala kukaphethroli iVolvo ES90 fully electric sedan iyimpendulo. 

Ngokusho kwesitatimende sakwaVolvo, uma uyishaje kahle yagcwala ikunika ibanga elingamakhilomitha angu-755. 

Cha, angizange ngisondele nakusondela kulokho yize ngihlangabezane nezingqinamba ngekhadi layo lokushaja emshini cishe isikhathi sonke engisichithe nayo. 

Uzakwethu othole ithuba lokuyivivinya ungitshele ukuthi lapho eyishaje yagcwala imnike amakhilomitha angu 477.