
IToyota inyuse izinga leRumion
Uya ngokuqina umncintiswano ezimotweni ezakhelwe imindeni njengoba nakwaToyota South Africa Motors sebethe ukuyiphonononga iRumion.
Singephike ukuthi iRumion ifike yazidlela amahlanga kulesi sigaba sezimoto ngesikhathi ifika ngo 2018 okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwaya ngokunyukela.
Ingaphandle layo lishintshile akugcinanga lapho nakwezokuphepha, isitayela, yase ivuleka ngaphakathi.
Ukhakhayi bathe ukulelula ngo 120mm, amaphila angu 22mm ukuvuleka. Ngemuva kunohlobo olusha lobhampa kuze kuyoshaya kumalambu.
Iroof end spoiler ne roof side spoiler zitholakala kuzona zonke izinhlobo zeRumion.
KwaToyota bathi abazange bawathathe amashansi uma kuziwa kwezokuphepha kulolu hlobo olusha. Lonke uhlobo lweRumion luphuma nama airbag ezihlangothini, nasokhakhayini.
Izihlalo zokugcina okungezesithathu ziphuma nama headrests zontathu, kwazise ngaphambili bezimbili kuphela ezinawo.
Okunye abakwengezile okuhambisana nezokuphepha ukufaka ibhande esihlalweni esiphakathi nendawo ezihlalweni zesibili.
Uma ungena ngaphakathi uzoqaphela ukuthi kwaToyota impilo bayenze lula futhi base beyalinyusa nezinga.
IRumion yalo nyaka yohlobo lwe SX isiphuma neTyoe C yokushaja ezihlalweni zesibili okwenza kube lula kumaphasenja.
Uhlobo lwe TX Grade luphuma neTyoe C enesokhethi yokushaja ezihlalweni zesibili nezesithathu ekugcineni.
IRumion isaphethe leyo njini engu 1.5-litre K15B four-cylinder ekhiqiza amandla afinyelela ku 77kW ne torque engu 138Nm.
Ungakwazi ukukhetha phakathi kwe5-speed eshintshwayo okanye i 4-speed eyi-automatic transmission.
Ngebanga lika 100km/h idla amalitha angu 6.2, ijubane eliphezulu ligcina ku 175km/h kulena eshintshwayo, kuthi ku-automatic ijubane eliphezulu kube ngu 170km/h.
Imibala etholakala ngayo uMystic Pearl White, Premier Liquid Silver, Azure Blue, Seal Grey Metallic, Autumn Blaze Red, Cedar Brown no Shadow Black Pearl.
Uhlobo nentengo
- Rumion 1.5 S MT: R307 900
- Rumion 1.5 SX MT: R353 800
- Rumion 1.5 SX AT: R373 400
- Rumion 1.5 TX MT: R383 000
- Rumion 1.5 TX MT: R403 600
Intengo ihambisana newarranty yeminyaka emithathu okanye ibanga lika 100 000 km.
Iservice yenziwa njalo emuva kwebanga elingu 15 000km okanye izinyanga ezingu-12
