ISuzuki neWheel Well batakule abafundi baseBulwer








Abasagcini nje ngokukhiqiza izimoto kodwa bayaqikelela nokuthi ukuphepha emgwaqeni nokubuyisela emphakathini ngenye yezinto eziyingxenye yebhizinisi labo.
Muva nje kwaSuzuki Auto South Africa bahlangane nenkampani esizakhele igama ngokuhambisa phambili ezokuphepha emgwaqeni eyaziwa ngokuthi iWheel Well balekelela izikole zasezindaweni zasemakhaya maphakathi neKwaZulu-Natal. Abafundi bahlomule ngamakotoyi afudumele amakhaza namabhande abawagqoka uma behamba emgwaqeni okwenza ukuthi izimoto zibabone zisebuqamama.
Lo mnikelo wabakwaSuzuki bese kuyihlandla lesibili njengoba kuthe ngoFebhuwari le nkampani yahlangana kanye nezinye ezihlukahlukene emkhankasweni iRally to Read lapho yanikelela khona ngezincwadi nezinye izinsiza zokufunda. Oyisikhulu kwezoKukhangisa kwaSuzuki South Africa uBrendon Carpenter uthe, “Izingane zizithola zisenkingeni yezingozi, ngaphandle kwengcuphe ezizithola zikuyo ikakhulukazi lezi ezihamba emgwaqeni zinsuku zonke kusemnyama, ziningi nezinye izingane ezisala zingenabazali nabazinakekelayo ngenxa yezingozi zomgwaqo”. Ngo-2021, isibalo sezingane ezingu 1 320 ezaphangalala emgwaqeni ezinye zashayiswa izimoto zashaya zachitha.
Emizamweni yokuqeda lesihlava kwaSuzuki South Africa bathathe isinqumo sokuhlangana neWheel Well kulo mkhankaso abawubiza ngeHalo Beanies. Izikole eziphinde zahlomula ngamakotoyi angu- 816 nakulokhu kube yi-Enkelabantwana Primary neNdebeni Primary ezakhele iBulwer. Kuze kube yimanje iWheel Well, okuyinkampani engenzi nzuzo isidlulisele amakotoyi angu-3 200 kubafundi bezikole ezihlukene kusuka yaqala umkhankaso iHalo Beanies ngo-2017.
Ngokusho komsunguli weWheel Well uPeggie Mars banakekela izingane kuyona yonke iminyaka, kanti umkhankaso wabo iHalo Beanie uyingxenye yeminye imikhankaso abayenzayo njenjowokuqinisekisa ukuthi izingane ziphephile ezimotweni ngokusebenzisa izihlalo ezifakwa ezimotweni obizwa ngeChild Safety in Cars neChild Seats. Kunxuswa noma ngubani ofisa ukuphonsa itshe esivivaneni kulo mkhankaso ukuba avakashele isizindalwebu esithi: https://wheelwell.co.za/








