Izimoto

UVolvo Car South Africa uyenza lula impilo ezimotweni zikagesi

Ukungenisa kwezimoto zikagesi eNingizimu Afrika kuya ngokuya abakhiqizi bezimoto bekwenza kube lula. KwaVolvo Car South Africa okungenye yezinkampani ezingamavulandlela kuhlobo lwezimoto olungama-EV baqhamuke nohlelo oluzosiza abantu abantu izimoto zabo ezisebenza ngogesi. Akuthusanga ukuthi kwaVolvo babe ngabokuqala ukuthatha isinyathelo ezinjengalesi njengoba ngonyaka odlule bephumelele ukudayisa izimoto zikagesi ezingu 539 kuleli.  Ngalolu hlelo abanikazi balezi zimoto bazokwazi ukuzishaja mahhala ezindaweni zomphakathi zokushaja isikhathi esiyiminyaka emibili. Ngaphezu kwalokhu bazogixabezwa ngeGridCars wallbox ezofakelwa bese kuba u10 GB wama data akwaoVodacom ngenyanga kuze kuphele iminyaka emithathu. Uhlelo lokushaja luzosebenza ngokuthi abanikazi bezimoto banikwe ivawusha ka R12 000ezosebenzisana nekhadi leGridCars elizohlala izinyanga ezingu 24. “Abanikazi bezimoto eNingizimu Afrika sebekuveze ngokusobala ukuthi bazilangazelele izimoto ezisebenza ngogesingoba yibo abenze uVolvo wakwazi ukudayisa isibalo esikhulu sezimoto zikagesi.,” kusho uMarkus Cromwell, wakwaVolvo Car South Africa.  Akugcini lapho abanoikazi bazokwazi nokushaja izimoto zabo emakhaya ngemali abazolekelelwa ngayo engu R7,500 lapho befaka iGridCars wallbox. Ukushaja kuwallbox kuhlukile kunokusebenzisa iplug ejwayelekile futhi kuyashesha. iwallbox iphuma ne warranty yeminyaka emibili ehlanganisa ukufakelwa kwayo. Ibhamama lama data akwaVodacom angu 10GB azosiza umshayeli nabagibeli ukuthi bakwazi ukuxhuma amaselula abo bangene ezinkundleni zokuxhumana bakwazi nokusebenzisa uYouTube. Phakathi kwezimoto zakwaVolvo ezisebenzisa ugesi kukhona i-EX30, XC40, C40 kanye ne-EX30 eyintandokazi kuleli. Uma ishajwe yagcwala mpu ihamba ibanga elingu 476 km. Ngemizuzana engu 3.6 iyakwazi ukusuka ku 0 iye ku 100km/h. UCromwell uthi basazoqhubeka nokuqhamuka nezipesheli ezizosiza abanikazi balolu hlobo lwezimoto ukuze izimoto zikagesi zingabonakali njengomqansa.