
I-Everest isizogadla ngeTremor
IFord Motor Company of Southern Africa isikumemezele ngokusemthethweni ukuthi izowandisa umndeni we-Everest SUV makhathaleni kulo nyakangeTremor.
Ngokusho kwesikhulu esinguMqondisi kwiProduct Marketing kwaFord South Africa uSunil Sewmohan ukwethulowa kweTremor kulesigaba esinedumela samaSUV kuwukuphendula kulokho okudingwa umphakathi ngemoto ekazi ukuhamba ezindaweni ezinzima.
Uthi iTremor yakhelwe phezu kwesisekelo se-Everest kusukela ekubeni ntofontofo, ukuba udedangendlale ngaphakathi, ubuchwepheshe obusezingeni. Ngaphezu kwalokho kwaFord bathi okukhulu kakhulu nage moto ukuthi inqamula lapho kungeke kwahamba khona imoto eyejwayelekile. I-Everest Tremot yiyona kuphela kuhlobo lwama-Everest ephuma neRock Crawl Drive Mode okuwubuchwepheshe bendlela yokuyishayela uma engenha ezindaweni ezinamatshe okwenza ishibilike kalula.
Itholakala nenjini engu 3.0 litre V6 turbodiesel ekhiqiza Amanda afinyelela ku 184kW torque engulfed 600Nm. Ingakwazi ukudonsa umthwalo oyisisindo esingu 3,500kg. Ukuphakama ingaphezulu ngo 26mm uma iqhathaniswa ne-Everest eyejwayelekile.
