Izimoto

Bajike izinto kwaSuzuki nge-Across 

Ungalenzi iphutha ucabange ukuthi kwaSuzuki Auto South Africa bagabe ngebheji kuphela, kodwa okumqoka ukuthi i-Across yiSuzuki kusaka phansi kuya phezulu. 

Yize yethulwe nonyaka kuleli, ezingeni lomhlaba bayethule ngonyaka owedlule. 

Sekungumlando ukuthi i-Across Mild-hybrid ekufikeni kwayo iyinyakazisile imboni yezimoto. 

KwaSuzuki abalenzanga ihaba kule moto, kepha baqhamuke nohlobo lwemoto oluhambisana nazozonke izimo, futhi olulungele abantu abehlukene. Ithi ayibe yinde mbijana kuneyakwabo iVitara. 

Ukweluleka kwayo kungu 4,360mm, igabade ilishiyile ngo 210mm. I-Across ihlanganiswa ezweni laseNdiya ifike kuleli isingumumpu. 

Ingena esigabeni esinokuncintisana okunzima okuboshelwe kusona kakhulu izimoto zaseChina njengeJaecoo J5, Chery Tiggo, Omoda C5, nezinye ezinjengeVW T-Cross iKia Seltos.

Ingaphakathi nesitayela

Uma uzoyithi nhla ngeso akubuzwa ukuthi iphuma emndenini wakwaSuzuki. Kusuka indlela ebukeka ngayo ngaphambili, ingemuva nangaphakathi ikakhulukazi ohlangothini lomshayeli. 

Iphuma namalambu aneLED daytime running kulona lonke uhlobo okuyi GL ne GLX.  

Uma ungeke unake ungazitshela ukuthi lezi zinhlobo zombili ze-Across ziyafana, kanti phinde kuningi okuzenza zehluke. Zisuka nje amadaka kuba intengo. 

Uma ufuna ukuba ngumnikazi we-Across zimisele ukuthi uzokhokha phakathi kukaR349 900 no R464 900 kuye ngokuthi yiziphi izinto ezengeziwe.

Ongakuthola okwengeziwe

Ngaphakathi kuhlobo lwe-GL kukhona iscreen esiqukethe okuningi esingu 10.1 inch, kube esingu 10.2 inch digital instrument cluster, i-USB-C ports ngaphambili nangemuva.

Kukhona newireless Apple CarPlay/Android Auto, indawo yokushaja iselula esebenza ngokuthi uyicamelise kuyo ngaphandle kokuxhuma izintambo. 

Ukuphepha bakubeke phambili kwaSuzuki kule moto ngoba bheka nje iphuma nama airbabgs angu 6 , i-ISOFIX esihlalweni sengane, itailgate isebenza ngogesi kuphinde kube nekhamera esiza umshayeli ukubheka konke okuqhubeka ngemuva. 

Uhlobo lweGLX luthe thuthu ngezinga njengoba luphuma nogabagaba lwepanoramic sunroof, izihlalo eziyisikhumba, ihead-up display elekelela ukuthi amehlo omshayeli angasuki emgwaqeni.

Lokhu kungenxa yokuthi ihead-up display ikwazi ukuveza izinto ezifana nesivinini imoto ehamba ngaso, ikhamera yalapha ithatha konke okwenzekayo okuzungeze imoto 360-degrees okungenye yezinto ezihambisana nokuphepha. 

Uhlaba lapha uthanda khona ngemibala ehlukahlukene kwi-Across kusuka ku-Arctic White Pearl, Splendid Silver Pearl Metallic,  Mystic Green Pearl, Magma Grey Metallic, Sizzling Red Metallic, Exuberant Blue Pearl Metallic kuya ku Bluish Black Pearl. 

Izipikha ze-infimnity ezingu 8 ezisawonda kuzwakale.  Isikhala sokubeka impahla udedangendlale siphakathi kuka 333 litres no 347 litres kuye ngokuthi izihlalo zangemuva zilalisiwe yini.

Injini namandla

Lonke uhlobo lwe-Across luphuma nenjini enedumela kwaSuzukeNingizimu Afrika iK-series 1.5 litre four cylinder esebenzisa uphethroli ehambisana nohlelo lwemild hybrid olungu 12V. 

Le njini ikhiqiza amandla afinyelela ku 76kW netorque engu 137Nm, idonsa ngamasondo angaphambili. 

Kukhona uhlobo olungu 5-speed oluszishintshayo okanye i 6 speed engumshini ozishintshayo. 

Ngibethulela isigqoko kwaSuzuki ngokukhetha imigwaqo yaseKapa ukwethula i-Across. 

Ngikusho lokhu ngoba iKapa Lodumo lidle ngemigwaqo ewubuthebelele, namajika, izintaba nemimango futhi nezikhinsi nemigodi akwandile. 

Emgwaqeni ithule, izihlalo zayo zikubamba ngqi. Ngikuqaphelile ukuthi akuyona imoto ongathi eyejubane kodwa iyawenza umsebenzi ongangayo. 

Njengoba idle ngokuphakama ngiyikhipha phambili emigwaqeni yasemakhaya. 

Okunye engikuqaphelile ukuthi yonke into yayo yenziwe yaqondaniswa nomshayeli okungelula ukuthi uzithole ususa amehlo emgwaqeni.  

Ngebnanga lika 100km icaphuna amalitha angu 5.5 uma uzoyincenga ngesivinini esisemthethweni sika 120km/h.

Intengo ne warranty

Lonke uhlobo luphuma nohlelo lweservice plan lwqeminyaka emine okanye ibanga lika 60 000km, iwarranty yeminyaka emine okanye ibanga lika 200 000km.

Across 1.5 Mild-hybrid GL 5MT.    :R349 900

Across 1.5 Mild-hybrid GL 6AT.     :R372 900

Across 1.5 Mild-hybrid GLX 6AT.   :R464 900