Izimoto

Ayikhalisi kakhulu iSuzuki Grand Vitara

Sekusobala kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi ukhondolo olulandelwa ngabantu lapho bethenga izimoto selwehlukile eNingizimu Afrika. 

Abathengi abasagxili kakhulu kwibheji lemoto okanye inkampani eyikhiqizayo. 

Iningi selibheka ukuthi lizokwazi yini ukumelana nezindleko zemoto leyo, libheka ukubukeka, isitayela nobuchwepheshe besimanje. 

Ukubamba ifoni ushayela noma ukushaja usebenzisa ikhebuli emotweni ngezinye zezinto eseziphelelwe yisikhathi ngoba izimoto zamanje ziphuma nobuchwepheshe obenza konke lokhu kube lula, ngesikhathi esifanayo kuhambisana nokuphepha. 

ISuzuki Grand Vitara Compact SUV ingena khaxa kulolu hlobo lwezimoto ezikuleli zinga. 

Uma uyilandela imboni yezimoto angeke nangengozi wangakuqahela ukuthi iSuzuki Auto South Africa iza mawala. 

Isitayela abasikhombise ekuhlanganiseni iGrand Vitara yisona kahle lesi esikhuluma ngaso.

Kusuka  kwigrille ezungezwe amalambu e-LED, egqize ngomusho ohlukene kathathu. Amasonto aphuma nerimu lakho okungu -17 intshi. 

Ilishiyile igabade ngo -210 mm, indawo engaphezu kwamalitha ayi-1000 ebhuthini, isikrini sokuthinta isikrini se-infotainment esingu-9 intshi, ugabagaba lwepanoramic sunroof oluhlukene izigaba ezimbili, ihead-up display kuya kuma airbag ayisithupha ngezinye zezinto abagabe ngazo kwaSuzuki.

Uhambo lwethu lokuvivinya oluya e-Adams

Kwizinhlobo ezikhona ethimbeni lakwelikaMthaniya elengamele iSuzuki, sigixabezwe ngaleyo eyiK15B engu-1.5 litre GLX Automatic 4 speed aspirated naturally ebiza u-R453 900. 

Yize ucingo lungene umuntu engabheke lutho, ngithe igcagcele esikeni ngoba bekumele ngithathe indledlana ebheke ekhaya. 

Uma siyilanda emuva intengo yeGrand Vitara isuka ku-R359 900 ye-manual kanye no-R381 900 ye-automatic. 

Ikhiqiza amandla angu-77kW kanye netorque engu 138 Nm bese iphanda ngaphambili.

Siqale uhambo lwethu sisuka  e-Upper Highway eKhilesi sigudla ngomgwaqo uR603 engithola ithuba lokuyivivinya ngendlela. 

Angikusho ukuthi yimoto yomndeni futhi ekahle uma uzothatha uhambo oude. 

Emgwaqeni ithule kodwa uma uke wazama ukuyicindezela ngejubane ukhona umoya ohelezayo emawindini ongabekezeleleki. 

Phakathi kwezinye izimoto khohlwa ukuthi uzomelena nesivinini esiphezulu ngoba akuyona nhlobo imoto yejubane. 

Okuhle nje ukuthi uhamba ngokuphepha kusuka kwabahleli ngaphambili nangemuva, iphinde ibe nodedangendlale wesikhala. 

Ngiyacabanga ukuthi kwaSuzuki basengenza kancono ekunciphiseni umsindo oheleza emawindini ngoba ekugcineni yimoto entofontofo.

I-R603 ingaba yindlela eshesha kakhulu futhi eshibhile kakhulu eya eNingizimu esuka e-Upper Highway naseMidlands kodwa isimo somgwaqo sibi kakhulu. 

Ngenxa yokuzimilela nokubambelela kweGrand Vitara, okuyizikhnsi emgwaqweni akuzweli kakhulu. 

Uhambo oluya ekhaya beluphephile ngaphandle kwemfuyo emgwaqweni. 

Kuhambo lonke ngethangi likaphethiloli elingamalitha angu-45 senze phakathi kwamalitha angu-6.9 kuya kwangu-7.2 ngebanga elingu-100km. 

Nokho, ngithole imoto idla kahle kakhulu uphethiloli uma umshayeli wayo ezoyibamba ngendlela.

 Ingaphakathi kanye Nesitayela

Akubuzwa ukuthi iphuma emndenini wakwaSuzulki ikakhulukazi ngaphambili kwidashboard. 

Izihlalo ezizishaya sasikhumba engibone kulula kakhulu ukuzisula uma kukhona okuchithekele kuzo. 

Ikhamera engu-360 degree ecosha konke okwenzeka ezinhlangothini okuhambisana nokuphepha. 

Okuningi ngaphambili kwenziwe kwaqondana ngqo nomshayeli akukho lapho uzithola usususa amehlo emgwaqeni ucinga amabhathini athize. 

Isikhala sebhuthi esingu 310 litres sikwazile ukulayisha imithwalo yize singagculisi ngaleyondlela. 

Uma izihlalo zangemuva zilalisiwe isikhala sokulayisha ebhuthini siyanda sibe ngamalitha evile kwinkulungwane.

I-Apple CarPlay ne-Android Auto, indawo yokushaja ngokubeka iselula ngaphandle kokudinga ikhebuli yenza uhambo lungazweli. 

Izihlalo zangemuva zinama -USB port nama air  ventilation akukho lapho kudingeka khona ukuba uphazamise umshayeli. 

Emuva kokungena ekhaya egcekeni ngizizwele ukuthi kuningi okuhlukanisa iGrand Vitara neToyota Urban Cruiser.

Iwaranti

ISuzuki Grand Vitara iphuma ne-service plan yeminyaka eyisithupha okanye ibanga lika 90 000 km kuya kwiwaranti yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika 200 000 km.