Izimoto

Angeke ungayilangazeleli iDzire yakwaSuzuki

Ngaphambi kokugeqa amagula sengathi ngiyemuka angikusho zisuka amadaka ukuthi iSuzuki Dzire akuyona iSuzuki Swift kodwa ezomndeni owodwa. Okunyenza isondelane neSwift ukuthi zisebenzisa injini efanayo engu 1.2 litre 3 cylinder ekhiqiza amandla afinyelela ku 60kW netorque engu 112Nm. IDzire ingane endala yakwaSuzuki okusuka ngo 2014 yethulwa emakethe eNingizimu Afrika. Kwa Suzuki Auto South Africa kubonakala besazimisele ngokunika abathengi omunye umuzwa wale moto njengoba sebethe ukulinyusa izinga ngohlobo olusha. Akusona isigaba esinedumela lesi ekuso iDzire ngoba cishe akuhlangani ngisho isandla uma ungabala izimoto ezikulesi sigaba ezinesinqe. Lapho ikhiqizwa khona eNdiya yethulwa okokuqala ngo 2008. Isidle umhlangano ngokuba yimoto edayiswa kakhulu kulesi sigaba (India’s best selling compact sedan). Lokho kufakazelwa nawukuthi kuze kube yimanje sekudayiswe iSuzuki Dzire efinyelela ku 3 million emhlabeni jikelele. Yethulwa nje phakathi kuka 2014 no 2017 kwaSuzuki badayisa amaDzire angu 1 231 kuleli. Lena eyethulwa eNingizimu Afrika emcimbini obubanjelwe eGoodmans Gallery eGoli isingeyesizukulwane sesithathu. Imbangi enkulu yayo iHonda Amaze neHyundai Grand i10 Sedan ngiyayibona nje iKia Pegas ephikwa izibalo.

Umumpu we-compact design

ISuzuki Dzire entsha angeke nangengozi wayifanisa neyedlule ngoba konke okuqukethwe kuyo kusha ceke. Yize incanyana njengoba bethi yocompact sedan kodwa akuyona imoto ongathi eyabantu abasesigabeni esithile sempilo. Lokhu kufakazele kahle ngosuku lokwethulwa kwayo lapho cishe ngizithele kumaDzire angaphezu kweshumi ezitaladini zaseGoli (Downton Jozi) ehamba abantu abahlukahlukene kusuka kwabadala, abesifazane abaphakathi nendawo ngeminyaka, abafundi namadoda nje aseqinaqinile anemindeni. Iphuma nescreen esisha okuyi touchscreen ngaphambili, ikhamera ekukhombsayo uma uhlehla, icruise control, wireless carplay, izibuko ezisebenza ngogesi. Bayishintshe kakhulu kunalena endala, ushinto olukhulu lungaphandle. Kusuka kumalambu angaphambili akake uphawu lweSuzuki phakathi nendawo. Ngemuva kunamalambu eLED okuyinika lowo muzwa wokubukeka njengemoto eyi sporty. amasondo aangu 15 inch ahambisana nerimu lakhona elimnyama nalo elizishaya sa sporty. Imibala engu 7 bayixube ngendlela kusuka ku-Alluring Blue Pearl Metallic, Gallant Red Pearl Metallic, Nutmeg Brown Pearl Metallic, Arctic White Pearl, Splendid Silver Pearl Metallic, Magma Gray Metallic kuya kuBluish Black Pearl. 

Umbala wezihlalo uyakhalisa

Njengomuntu onezingane into yokuqala engiyaye ngiyiqaphele emotweni izihlalo. Ngithi ncinci kamdoli uma inezihlalo ezimnyama.  Kuba yibhonasi uma kuze kwaba ngezesikhumba ngoba ukungcola ukuzwa ngendaba. Ngiphoxekile uma ngibona izihlalo zeDzire ziwumbala ocream obamba ukungcola ngokushesha ziphinde zibe indwangu. Akumina kuphela okhale ngalokhu uzakwethu ebengibambisene naye esiteringini ukhale esifanayo kwazise nangaphakathi emotweni bekukhona oncamnce okugcina sekuphoiqeleka ukuthi sibadle sijeqeza ngoba sigwema ukungcola. Kangakananike enganeni. Ngibone izihlalo ezigqize ngombala omnyama kuyizo ezincono kakhulu kuno cream. Omunye uzakwethu uqhamuke nephuzu lokuthi nawo njalo ucream uyalinyusa izinga lemoto okuyinto engivumelana nayo ngokugcwele. Njengoba besihamba sibathathu emotweni wonke umuntu uthole ithuba lokuhlala ngemuva. Izihlalo zangemuva zinendawo yokuphumuza izingalo ephakathi nendawo. Isikhala phakathi kwamaphasenja ngemuva sivulekile futhi akukho lapho uzithola khona amadolo eseshayisana nezihlalo zangaphambili. Kunezindawo ezanele zokubeka izinto ezinjengezinkomishi, uwallet nokungamakopi uma nishaya iziphuzo ezibandayo. Akukuningi ongakhala ngakho ngoba lena esithole ithuba lokuyivivinya ngelanga lokwethulwa kwayo yohlobo lwe GL+ liphuma ne cruise control okuyinto eyenza yehluke kwi Swift, isiteringi esiqukethe okuningi okulawula imoto, itouchscreen engu 7 inch engiyibone ikahle futhi ihambisana nezinga lemoto, bese kuba isikhala esikahle sokulayisha impahla nebhuthi engu 378 litres.

Kube umqondo omuhle ukuthi umzila wokwethulwa kwawo eGoli bawuhlanganise nomgwaqo omkhulu onguthelawayek nesiminyaminya semigwaqo emincane enqamula eHillbrow ngoba yilapho sithole kahle khona ithuba lokuvivinya ugearbox oyi CVT. Engikuqaphlile ukuthi iyonga kuphethroli ngoba ngebanga lika 100km icaphuna kuphela amalitha angu 4 kuya ku 5 kaphethroli kuye ngokuthi uyinyathela kanjani. Amagiya ngiwathole ezingenela kalula ngoba nalapho kunezindawo eziyimimango akukho lapho inswinyeka khona. Ukuba umncanyana kuyayilekelela ukuchusha kalula nalapho besigeja khona umzila bekulula ukujika ngokushesha ngaphandle kokuphazamisa abanye abashayeli

Intengo

Iphuma newarranty yeminyaka engu 5 okanye ibanga lika o 200,000km  kanye ne service plan yeminyaka engu 4 okanye ibanga lika 60,000km

Suzuki Dzire 1.2 GA 5MTR 224 900
Suzuki DZire 1.2 GL+ 5MTR 246 900
Suzuki DZire 1.2 GL+ CVT R 266 900