
Ifike ngamandla i-Everest ebangisana neFortuner kuma-SUV
IFord neToyota sekunesikhathi besembangweni wokudayiswa kwezimoto zabo ezingamaveni iRanger neHilux.
Kodwa uma kuziwa embangweni wezimoto ezingama-SUV, iToyota ibizidlela amahlanga ngeFortuner yayo.
Nokho iiFord Everest namanje yiyona esasondela ekufakeleni iToyota Fortuner umncintiswano kulesi sigaba sezimoto.
Khona ke kodwa akungabazeki ukuthi kungabanzima kumuntu oneFortuner ukuthi ayiyeke, athathe i-Everest.
Lokhu kungenzeka yize ngokwamandla nokwakhiwa kwalezi zimoto zakamuva, iFortuner isalele ngemuva.
Kodwa cishe nayo iFord seyikwamukele lokhu. Cishe manje sebebheke ukwakhela labo abafuna into ehlukile.
IFord Everest XLT ishaya ngo-154 kW/500 Nm, 2.0-litre bi-turbo wenjini kadizili, esebenza ngogiyabhoksi onamagiya ayishumi.
Le moto inabo bonke ubukhazikhazi bezimoto zesimanje futhi nasemgwaqeni inamathela kamnandi.
Idayisa kusukela ku-R913 400 kanti uma ufuna into eyehlukile, iyona moto ekufanele impela le.
Le ntengo ifaka neminyaka emine yewaranti, noma amakhilomitha angu-120 000 nosizo lweminyaka emihlanu uma kwenzeka ikulimalela emgwaqeni.
