Izimoto

Baze nenye kwaHyundai nge-Alcazar 7 seater

Akubuzwa ukuthi iHyundai Alcazar okuyingangamela elayisha abantu abayisikhombisa ifike ngesikhathi lapho ushisa phansi umbango esigabeni sezimoto ezinkulu. Nakuba kunjalo kwaHyundai bathi akudikizi nqulu kubo ngoba bagabe ngezinto ezimqoka ezibenza bahluke kwezinye izinkampani zezimoto. Kulezi zinto phezulu equlwini  babala ukwethembeka kwezimoto zabo, ukudayiseka kalula, ukonga kuphethroli, ukuba yinsanda kwama pathi lapho kwenzeka imoto iba nenkinga noma  yehlelwa ingozi. 

Okunye okwenza i-Alcazar yehluke ukuthi izihlalo ezimbili ezengeziwe zangemuva  akuzona nje ezokugcina icala. Nomsalakaca wendoda engangami ihlala ngokukhululeka. Ezinye izimoto ezinezihlalo ezingu-7 zigcina zingakwazi ukulayisha abantu abafinyelela kulesi sibalo ngenxa yokuba ncane kwazo lezi zihlalo zigcina  sezisetshenziselwa ukubeka impahla. Njengoba ngithi umbango ushisa phansi nje yingoba i-Alcazar incintisana kakhulu nezimoto zamaShayina ezingagayelwe mphako kulezinsuku. Kukhona  iChery Tiggo 8 Pro, iJetour X70 Plus. Nakuba  kuyigama elisha enikwe lona kodwa i-Alcazar ithathelwe kwiGrand Creta futhi iqale ukudayiswa eNdiya lapho ikhiqizwa khona eminyakeni edlule. Yize yethulwe kwelikaMthaniya isivele yaziwa kodwa kube ngokokuqala ukuthi iningi lethu liyibone ngeso lenyama. Uma uzoyithi nhla uzoqaphela ukuthi lukhona ufuzo olushoyo ukuthi iphuma emndenini wakwaHyundai. Ishaya ngamalambu eLED phezulu ahamba acishe agamanxe ezinhlangothini. Ithe ukugoloza ngaphambili kwigrille yase ibhasha mbijana ngemuva okuyinto engiyibone iyenza yehluke kakhulu kwiGrand Creta.

Iphuma ngezinhlobo ezimbili zezinjini kukhona engu 1.5 litre edonsa ngodizili namagiya angu 6 azishintshayo, kube nengu 2.0 litre esebenzisa uphethroli. Le njini  ikhiqiza amandla afinyelela ku 117kW kanye netorque engu 191Nm.  Injini engu 1.5 litre ikhiqiza amandla afinyelela ku 85kW netorque engu 250Nm.

Osukwini lomcimbi wokwethulwa kwayo ngokusemthethweni emgwaqeni emazombezombe ukusuka eMhlanga kubhekwe eCompensation kuya ezingxenyeni zaKwaDukuza sibe nethuba lokuhamba nge-1.5 litre kadizili. Angikusho ukuthi akuvamisile ukuba abakhiqizi bezimoto bashaye emhloleni ngesikalo sikadizili okanye uphethroli osetshenziswa yimoto , kodwa ngiqaphelile ukuthi kwaHyundai abalenzanga iphutha kule Alcazar ngoba ngebanga lika 100km  idle amalitha angu 5.7 litres inqobo nje uma uzohamba ngesivinini esisemthethweni esingevile ku 120km/.h. Ithe ukulishiya igabande ngoba ukuphakama kwayo kungu 200 mm. 

Uma uzoyibukela kude ungacishe uyiphambanise nohlobo oluthize ngaphandle kokuthi yona iphuma namasondo angu 18 inch ahambisana nerimu lakhona kulena ewuhlobo lwe-Elite agqize ngombala omnyama base bathi ukuwatayela. Baphinde bayixina ngetrim empunga ngaphansi kwigrille ngokubona kwami eyihaba ngoba iyabuthatha lobu buhle osuke ububone ngaphezulu yize ihlukene imibono kulokhu ngoba omunye uzakwethu uthe ngokwakhe iyenza ibe nesithunzi futhi bagcwalisela khona ukuthi lena yimoto enkulu esesigabeni sama-SUV. Ubude bayo bungu 4, 560mm, bese iyaluleka ngo 2, 760 mm, yize kunjalo ukuyipaka phakathi kwezinye izimoto akuwona umqansa.

Ayidle ngasimanga ngaphakathi

KwaHyundai abenzanga ihaba ngengaphakathi le-Alcazar ngoba uzoqaphela ukuthi iningi lezinto bazibeke obala okwenza nokuthi nomuntu oseyimfundamakhwela  esiteringini angadideki. Into engigxume ngahlala kuyo ngesikhathi ngithola ukhiye ukujombela ezihlalweni ezengeziwe ezimbili zangemuva. Ukuze ufinyelele kuzo kumele ulalise izihlalo eziphakathi nendawo. Amathe abuyele kwasifuba ngoba ngizithole ngihleli ngokunethezeka amadolo engafinyele  njengoba kujwayelekile kwezinye izinhlobo lapho uphuma khona usubanjwe inkwashu ngenxa yokuminyana kwesikhala. Ezihlalweni zangemuva kukhona izindawo zokuxhuma i-USB, kuphinde kufinyelele ne-airconditioner ngoba inezindawo ezikhafula umoya. Kuhlobo lwe-Elite iphuma nesun roof evuleka ugabagaba ipanoramic eyengeza ubuhle.

Intengo ihambisana nokuphepha

Uhlobo lwe Elite okuyilona oluthe thuthu ngezinga luphuma nokuningi njenge sunroof evuleka ugabagaba, isihlalo somshayeli esisebenza ngoges, idunyisa ngebhathini, i-adaptive cruise control, ubuchwepheshe bokuxwayisa ezindaweni ezinobungozi blind-spot collision-avoidance assist, lane keep assist, forward collision avoidance, lane following assist, ne driver attention warning.  Okuhle nge-Alcazar ukuthi lonke uhlobo luphuma ne-ABS, EBD, ESC, automatic headlights,  nama airbags angu-6.

Alcazar 1.5  CRDI Executive AT: R599 900

Alcazar 1.5  CRDI Elite   AT: R669 900

  • Injini                        : 1.5-litre, four-cylinder, turbodiesel
  • Ugearbox                : 6-speed automatic
  • Amandla                 : 85 kW, 250 N.m
  • Ijubane eliphezulu: 190 km/h
  • Ukonga                   : 5.9 L/100 km
  • Alcazar 2.0 litre  
  • Intengo             : MPi Executive AT R499 900
  • Amandla           : 117Kw, 191Nm